Arthur Greene
I-Equatorial Guinea icishe yakhipha izithenjwa ze-Afcon ngesikhathi idlala ngokuzimisela emdlalweni wayo wokugcina ne-Algeria esidlale imidlalo engu-35 ingakaze ihlulwe.
Ngemuva kokuwina imidlalo engu-26 banqobe ngokulinganayo imidlalo ewu-9 kusukela ngoMandulo 2018, kanti i-Les Fennecs iqale usuku lwemidlalo emibili ngaphandle kwerekhodi lomhlaba lase-Italy lwemidlalo engu-37.
Kodwa-ke babhekane ne-Equatorial Guinea, ehleli endaweni ka-114 emhlabeni uma iqhathaniswa ne-Algeria esendaweni yesi-29.
Uhlangothi lwase-Afrika belungcono kakhulu kune-Algeria. Bebeqinile ekuzivikeleni bejabulela nokuhlasela obekuholwa uSalvador Edu.
Ukusuka ekhoneni ngomzuzu ka-70 u-Esteban Obiang, umdlali wasemuva esandleni sokudla odlala esigabeni sesine sebhola lase-Spain, ume ngemuva ukuze ashaye igoli ekhaya.
U-Esteban ube iqhawe njengoba naye, evimbe amashodi amabili emapalini ngesikhathi usuzophela umdlalo, ukuze aqinisekise ukuthi iqembu lakhe liyanqoba.
I-Sierra Leone iqhubekile nokuzakhela udumo olumangazayo kulo mqhudelwano. Idlale ngokulingana ngo 2-2 ibhekene neqembu lase-Ivory Coast eligcwele intukuthelo ngemuva kwephutha elenziwe unozinti walo.
Kodwa lonke udumo kufanele luye kunozinti uMohamed Kamara.
Bekuyintokozo enkulu ukubukela lo unozinti osemncane emdlalweni wezwe lakhe ngesikhathi libhekene ne-Algeria.
I-Elephants inqobe kabili, ngosizo lukaSebastien Haller umshayimagoli ovelele kulo mkhankaso we-Champions League kanye nomdlali webhola uNicolas Pépe.
Imiphumela yosuku ushiye i-Algeria iisengcupheni yokuphuma emqhudelwaneni eyawunqoba ngokukhazimulayo ngonyaka ka-2019. Kufanele iwathathe wonke amaphuzu amathathu ngoLwesine njengoba izobhekana ne-Ivory Coast edlala ngokukhulu ukuzimisela.
Izinkunzi ezimbili kulo mqhudelwano i-Equatorial Guinea ne-Sierra Leone nabo bazobhekana. Amaqembu amane asengadlulela phambili eqoqweni elibukeka lizoba nesiphetho esijabulisayo.
Khonamanjalo ku-Group F, iTunisia ihlale endaweni yesithathu eqoqweni lalo ngemuva kokuthi i-Gambia ishaye iphenathi ngomzuzu wokugcina yabambana ngo 1-1 ne-Mali, ehamba phambili eqoqweni.
I-Tunisia izodlala ne-Gambia okusho ukuthi i-Mali izobhekana ne-Mauritania ngo-9 ebusuku ngoLwesine ukuze kuphothulwe imidlalo ku-Group F.
Umthombo wesithombe: @CitiSportsGHA