
Dylan Bettencourt
I-Equatorial Guinea isiyenze esinye isihluku ngokukhipha i-Mali kwi-African Cup of Nations (Afcon) ngemuva kokuthi kukhahlelwe amaphenalthi.
I-Mali ibiyizintandokazi kwabaningi. Kodwa njengoba i-Afcon yakulonyaka ikhombisile, i-Equatorial Guinea izimisele ngendlela emangalisayo.
I-Equatorial Guinea inqobe ngo 6-5 sekukhahlelwa amaphenalthi, ngenkathi i-Mali yehluleka ukushaya amaphenalthi amathathu kwayisishiyagalombili.
Njengoba leli qembu liqhudelana kwi-Afcon yesithathu, likhiphe i-Algeria esigabeni samaqoqo.
I-Mali, esendaweni yesi-53 emhlabeni wonke izophoxeka kakhulu ngokuphuma kwayo.
I-Mali ibidlala kahle kakhulu kulo mdlalo kodwa ayikwazanga ukuthola igoli yize ibidlala kahle kangaka phambi kwamapali.
I-Equatorial Guinea ibiyazi ukuthi ithuba layo elingcono lokukhipha elinye lamaqembu ahamba phambili e-Afrika, ukuholela umdlalo esigabeni samaphenathi, nangempela kwenzeka kanjalo.
Ukuvikela okukhethekile okunamandla kunike umdlalo isikhathi esengeziwe futhi wagcina ufinyelele esiphethweni zibambene ngo-0-0.
Iphethini yomdlalo omuhle kwi-Afcon yalo nyaka ifike esiphethweni ngesikhathi u-Emilio Nsue egeja iphenalthi yokuqala ye-National Thunder.
Kodwa umsebenzi omangalisayo kanozinti uJesus Owono wenze ukuthi iqembu lakhe lingene kuma-quarter final.
I-Mali izozigxeka yona njengoba idlale ngokuqikelela kakhulu neqembu eselaziwa ngokushaqisa izimbangi zalo ezinamandla.
I-Equatorial Guinea, isendaweni ka-135 emhlabeni, futhi kuzomele ifinyelele kowandulela owamanqamu ukuze ihambisane nokwenza kahle kwayo emqhudelwaneni we-Afcon.
Izobhekana ne-Senegal emdlalweni wayo we-quarter final, futhi i-Senegal iyintandokazi engahle iphakamise indebe.
Kodwa-ke kungaba ubuwula ukucabanga ukuthi i-National Thunder angeke idale enye inkinga futhi e-Cameroon.
Umthombo wesithombe: @Goal