Dylan Bettencourt
I-imeyili ethunyelwe emaqenjini ikhombisa ukuthi i-Premier League iyaqhubeka nokunyusa imzamo yokuthi kukhuphuke isibalo sabajovayo kubadlali kanye nabasebenzi.
Iligi isinyuse umkhankaso wayo ukuze bagqugquzele abantu abaningi abangazimisele ngokujova kumaqembu, ngokusho kwe-Sportsmai.
“Umyalezo othunyelwe kuwo wonke amaqembu e-Premier League ufundeka kanje: “ngokubuka isibalo, kunamaqembu ayisikhombisa anabadlali abangama-50 asebejovile ngokuphelele, sisanendlela ende ekusamele siyihambe,”
Umbiko oshiwo i-Sportsmail ukhombisa ukuthi cishe amasayidi amabili kwi-PSL anabadlali abadlulile kwabayisithupha asebejovile, kodwa kumaqembu afana ne-Wolves, i-Brentford kanye ne-Leeds kuvela ukuthi cishe amaphesenti angama-90 kuya kwi-100 inani labantu asebejovile
“I-imeyili iqhubekile yathi: “Sicabanga indlela yokuthi singawakomelisa kanjani la maqembu anabadlali abaningi asebejovile nabasazojova.”
Njengoba i-PSL ingashongo ukuthi imuphi umkomelo kulindeleke ukuthi bazosebenzisa umkomelo webhola lombhoxo kwi-Premiership othe abangazifaki izifonyo, kuzokwehla ukuhlolwa kwabo kanye nokuthi baqede ukuqhelelana phakathi kwabadlali kanye nabasebenzi.
Odlala esiswini eqenjini le-Chelsea uN’Golo Kante uyena umdlali kwiligi owatholakala ene-Covid-19.
Umphathi we-Chelsea uThomas Tuchel wathi akakwazi ukuphoqelela abadlali ukuba bajove.
“Abadlali badala ngakho-ke yibona okumele bazithathele isinqumo sokujova noma cha. Kumele sikwamukele lokho,” kusho umphathi we-German.
Umdlali we-Arsenal uGranit Xhaxa wanqaba ukuthatha umjovo we-Covid-19 ngoMandulo ngaphambi kokuba atholakale ene-Covid-19, waba umdlali wokuqala owaziwa esidlangalaleni ngokunqaba ukujova.
I-imeyili iqinisekisile ukuthi imidlalo kanye nokuqeqeshwa kuzoma kuze kube mhla zingama-31 kuZibandlela ngonyaka wezi-2021, kanti umjovo we-Covid-19 ungase usetshenziswe ukuze kuthanjiswe eminye yemithetho.
Umthombo wesithombe: @SkySports