Dylan Bettencourt
NgoLwesibili i-English Premier League (iEPL) inqume ukumisa ubudlelwano bayo ne-Russia ngenxa yokuhlasela kwayo i-Ukraine.
Lesi sinqumo siphume emhlanganweni wabanikazi bamasheya lapho wonke amakilabhu angu-20 athathe isivumelwano.
“I-Premier League namakilabhu ayo namuhla avumelene ngazwi linye ukuthi isimise ngokushesha isivumelwano sethu nozakwethu wokusakaza wase-Russia i-Rambler (i-Okko Sport) futhi sinikele ngo-1 million ukuxhasa abantu base-Ukraine,” kusho isitatimende esikhishwe yiligi.
Emasontweni amabili emidlalo, amaqembu akhombise ukweseka i-Ukraine ngokuthi kube nesikhashana sokuthula kanye nokuthi okaputeni bamaqembu bagqoke amabhande aluhlaza okwesibhakabhaka nokuphuzi efulegi lase-Ukraine.
Naphezu kwezimpawu, i-Premier League ibisayamukela imali yokusakaza evela e-Russia ukukhombisa imidlalo yeligi esifundeni.
Isivumelwano se-Premier League nomabonakude base-Russia sibiza imali engu-R120 million ngonyaka.
Ngesonto eledlule, uhulumeni waseBrithani umemezele ukuthi uzofaka umabonakude wombuso wase-Russia i-Sberbank ohlwini lwezinkampani ezibhekene nezijeziso.
Asikho isiqinisekiso sokuthi isivumelwano se-Premier League ne-Match TV, okuhlelwe ukuthi siqale ukusebenza ngesizini ka-2022/23, sisamile yini.
Lesi sivumelwano kulindeleke ukuthi singenise u-R160 million kwiligi unyaka nonyaka kulesi sivumelwano seminyaka eyisithupha.
I-English Football Association iphinde yahoxisa isivumelwano sayo nomabonakude wase-Russia, okusho ukuthi ayikho imidlalo ye-FA Cup ezokhonjiswa esifundeni.
Omabonakude base-Russia abakayikhombisi imilayezo nezimpawu zokweseka i-Ukraine ngaphambi kwemidlalo ye-Premier League, banqamula ukusakaza kuze kube yilapho kuqala umdlalo.
I-Spanish La Liga nayo kuthiwa izobuyekeza ukusebenzisana kwayo ne-Match TV.
Umthombo wesithombe: @TheIndependent