I-English Premier League ihlaselwe ukwanda kokutheleleka nge-Covid-19 kulandela ukuqubuka kwe-Omicron

Dylan Bettencourt

I-Manchester United, i-Aston Villa, i-Tottenham Hotspur kanye ne-Leicester City babhekane nokwanda kokutheleleka nge-Covid-19 ngaphambi kwesikhathi esimatasa sebhola likaZibandlela ku-English Premier League.

Njengoba umqhudelwano uza ngamandla futhi ushesha emasontweni amabili azayo kanye nokulimala okusongela ukuxosha amaqembu, eminye imizabalazo ebangelwa i-Covid-19 izofika njengenkinga enkulu emaqenjini.

I-Manchester United iqophe inani elincane lokutheleleka kulandela umdlalo wabo wangoMgqibelo bedlala ne-Norwich City, okusabisa umdlalo wabo ne-Brentford City ngoLwesibili.

Nokho abadlali ababuyelwe yizivivinyo ezithe abanalutho baphoqeleke ukuthi bazilolonge ngaphandle ngoMsombuluko kanti umdlalo wabo wangoLwesibili usahlelelwe ukuthi uqhubeke.

I-Aston Villa ithole ukuthi kutheleleke umdlali oyedwa   nge-Covid-19 kulandela ukuhlulwa kwabo ngegoli elilodwa eqandeni bedlala ne-Liverpool ngoMgqibelo okuholele ekutheni iseshini yabo yokululama ngeSonto ikhanselwe neqembu eliphelele, kanti ngaphandle koyedwa othelelekile, bazozilolonga ngoMsombuluko ngaphambi komdlalo wabo ne-Norwich ngoLwesibili.

I-Tottenham Hotspur mhlawumbe iyona eshayeke kanzima ngokutheleleka kwabadlali nge-Covid-19, nokuphoqe ukuthi umdlalo wabo we-Europa Conference League ne-Rennes ukhanselwe.

Lokhu kuqubuka kuphinde kwaphoqa ukuthi umdlalo wekilabhu yase-London phakathi kwe-Brighton ne-Hove Albion uhlehliswe ngemuva kokuthi ikilabhu ivale indawo yayo yokuzilolonga ngoLwesithathu. U-Antonio Conte neqembu lakhe kulindeleke ukuthi babuyele emdlalweni weligi phakathi nesonto.

I-Leicester City ibingenabo abadlali abayisikhombisa emdlalweni wabo wokuzilungiselela noma wekhefu ngesikhathi bebhekene ne-Napoli ngesonto eledlule ku-Europa League. Nokho, ikilabhu ikholelwa ukuthi umdlalo wabo wangoLwesine ne-Spurs usazoqhubeka naphezu kokuhaqwa igciwane.

“Besithatha zonke izinyathelo zokuphepha – ukugqoka isifonyo, ukuqinisa izindaba zenhlanzeko nebanga eliphephile. Kuyishwa ukuthi sibone inqwaba yabadlali abathelelekile futhi nginesiqiniseko sokuthi sizoqhubeka nokukubona ngalesi sikhathi sasebusika,” kusho umphathi we-Leicester uBrendan Rogers.

I-UK ibone ukwanda okusheshayo kokusabalala kwe-Omicron muva nje njengoba izwe libona ukukhuphuka kwamaphesenti angama-65% abantu abathelelekile.

Umthombo wesithombe: @SkySports

Izihloko zakamuva