Lubhalwe nguLucky Vince Pienaar
➤ Njengoba i-Scotland besihamba phambili ngamaphuzu angu-21 ekuqaleni kwesiwombe sesibili, kubonakale sengathi i-Wales akukho engakwenza kubadlali abadla lubi.
Kubonakale sengathi uFinn Russell, othathe isikhundla sikakaputeni kuJamie Ritchie, ngeke enze iphutha.
Bekuwukukhombisa ubuhlakani beqhinga, ngama-try amabili kaDuhan van Der Merwe, ukukhahlela okuhlakaniphile kanye nokuthathwa kwezinqumo eziphusile ngumdlali wejezi elingunombolo-10.
Kodwa ezibomvu zinqume ukuzimisela. Impi yabo iqale ngomzuzu ka-47 ngesikhathi bedlula ku-lineout kuma-try abo okuqala. Akekho obazi ukuthi emuva kwama-try amathathu i-Scotland sizowina ngomehluko wephuzu elilodwa nje vo. Konke lokhu kwenzeka nje i-Scotland besingakaze sishaye ngisho nelilodwa iphuzu esikhathini esingaphezu kwesigamu sehora.
Umqeqeshi we-Scotland, uGregor Townsend, ubezohlanya ngendlela iqembu elibhidlike ngayo. Ungamangali uma uJamie Ritchie ebuya njengokaputeni ngesonto elizayo uma abagqoka u-navy-blue sebedlala ne-France.
UWarren Gatland uzokujabulela ukuthi i-Wales ilwe ngendlela eyenze ngayo, kodwa iqiniso wukuthi kungokokuqala i-Wales ihlulwa yi-Scotland e-Cardiff eminyakeni engu-22. Kudingeka afunde ngempela ukuthi ukulwa ngesibindi nokuhlulwa – ngisho nangephuzu elilodwa – kusewukuhlulwa.
I-Wales (ishaye ama-try amane) 26-27
i-Scotland (yashaya amathathu)
Abashayele i-Wales: UJames Botham, uRio Dyer, u-Aaron Wainwright, u-Alex Mann
Abashayele i-Scotland: UPierre Schoeman, noDuhan van der Merwe (2)
➤ Ukuzethemba ngokwedlulele kuholele ekutheni i-England ihlulwe i-Italy. Ama-Azzuri abehamba phambili ngamaphuzu ayishumi ngemuva kwemizuzu eyishumi kanti kuze kwashaya umzuzu ka-44 ngaphambi kokuthi i-England ihambe phambili.
I-try yesithathu ye-Italy ngomzuzu wokugcina womdlalo ibafake phakathi kwamaphuzu amathathu e-England, okwenza ukunqoba kwe-England kubukeke kuseduze kunalokho obekuyikho, kodwa umqeqeshi we-England uSteve Borthwick kumele abone ukuthi izinkinga zakhe zisekude ukuphela.
I-Italy (ishaye ama-try amathathu) 24-27 England (yashaya amabili)
Abashayele i-Italy: U-Alessandro Garbisi, uTommaso Allan, noMonty Ioane Uzama Abashayele i-England: U-Elliot Daly, no-Alex Mitchell
Esithombeni esingenhla: UDuhan van der Merwe
Umthombo: I-Six Nations Rugby