Razeen Gutta
I-England ikhiphe umfutho wayo kuma-innings esine kwi-test yabo yokugcina bedlala nelakuleli e-London ukunqoba uchungechunge ngo 2-1.
Bebehlose amaphuzu angu-130 kuphela kumdlalo othokozisayo osheshayo.
Ngemuva kosuku lokuqala kuhlehliswe umdlalo ngenxa yemvula nosuku lwesibili lumisiwe ngenxa yokudlula emhlabeni kukaNdlunkulu u-Elizabeth, njengoba abaphathi basebenzise ngokugcwele izinsuku ezintathu zesine ukuthola umphumela ekuseni ngosuku lwesihlanu.
I-England iqede i-innings yayo yokuqala ihamba phambili ngamaphuzu angu-40 yenza u-158 ngemuva kokuphonsa ama-Proteas ku-118.
Ama-Proteas abukeke elawula ngesikhathi ehola phambili ngaphandle kokudedela newikhethi eyodwa, kodwa ngesikhathi uDean Elgar ebuyela enkundleni iqembu lakhe lisuke ku-83/1 laya ku-95/4 ngokuphazima kweso.
Ukaputeni we-England, uBen Stokes kanye noStuart Broad bathathe amawikhethi amathathu bakhipha izivakashi ngama-runs angu-168.
Njengoba sekusele abangu-130 ababungazi bagcina benesikhathi esinethezekile ababengasidingi. UZak Crawley kanye no-Alex Lees baqale kahle ekupheleni kosuku lwesine, futhi ngokuthola u-33 kuphela kuphele phakathi kwama-over amahlanu osuku lokugcina.
UKagiso Rabada uthole iwikhethi yokududuza kuma-Proteas, kodwa ukunqoba ngamawikhethi ayisishiyagalolunye kuvale uchungechunge lweqembu likaBrendon McCullum.
“Kube uchungechunge oluhle kakhulu eqenjini,” kusho uStokes oqokwe njengomdlali ovelele e-England.
“Besingenayo imidlalo emihle eqgamayo, kodwa abehlukene baphakamisa izandla. Sizohlala sidlala ngendlela ezojabulisa abantu.”
Ukaputeni wakuleli uDean Elgar ukushayele ihlombe ukuzimisela kwe-England.
“Ngikhulumela imidlalo yekhilikithi. Ngethemba ukuthi ikhalenda lingakhululeka futhi singathola eminye imidlalo embalwa. Ngicabanga ukuthi i-England idlale ikhilikithi yokuhlola emangalisayo. Benze konke obekufanele bakwenze ukuze bawine uchungechunge lo mdlalo.”
Umthombo wesithombe: @guardian_sport