Razeen Gutta
I-England ngeke iyiyeke indlela yayo ye-Bazball enolaka uma bedlala isivivinyo sesibili nelakuleli e-Manchester ngoLwesine, kuqinisekisa ukaputeni uBen Stokes.
Indlela yabo yokuhlasela kuze kube imanje ibasebenzele kakhulu kuma-innings esine ngaphansi kukaBrendon McCullum. Nokho ngokukhetha ukuphosa kuqala nokukhipha i-England kabili e-Lord’s, ama-Proteas aqinisekise ukuthi ayikho indawo yama-innings esine futhi manje abukeka eyizintandokazi kuchungechunge lo mdlalo.
Abalandeli bakuleli kanye nabezindaba bayithokozele imizamo yeqembu likaMark Boucher eyisitayela esihlukile, kodwa ecishe ifane ne-Bouchball yase-England okuyindlela yokudlala ethandwa uMcCullum.
UStokes esithangamini sakhe nabezindaba ubezimisele ngaphambi komdlalo wokuhlola obekumele bawunqobe nokho ubesho ukuthi i-England ngeke iguqule indlela yabo yokwenza izinto.
“Akunjalo,” kusho uStokes ngesikhathi ebuzwa ukuthi ngabe abasubathi bazowashintsha yini amaqhinga e-Manchester. “Sazi kahle ukuthi uma senza amakhono esikwaziyo ukuwenza singaphuma sidlale ngendlela emangalisayo njengoba kuke kwabonwa yiwo wonke umuntu emidlalweni emine edlule.”
Isivivinyo sesibili sizoqala ngo-12:00 emini ngoLwesine njengoba ama-Proteas ezobe ehlose ukuqeda uchungechunge lwemidlalo emithathu e-Manchester.
Umthombo wesithombe:@NDTV