Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
- I-Ekurhuleni izokwehlisa abaphathi bayo abaphezulu kusukela kwabangu-23 kuya kwabangu-13 ukuze yonge imali futhi isebenze kangcono.
- Idolobha ligunyaze u-R16-million wamabhonasi abasebenzi yize kunezinkinga zemali.
Umasipala wedolobha elikhulu empumalanga ye-Gauteng usuqale umsebenzi wokuqinisa ibhande lezezimali nokunciphisa izindleko ngokuphungula isibalo sezikhulu eziphezulu.
IDolobha lase-Ekurhuleni lihlela ukunciphisa isibalo sabaphathi abaphezulu cishe ngohhafu ukuze longe imali futhi kusheshiswe ukuhlinzekwa kwezidingongqangi.
Lesi sinqumo siphume emhlanganweni womkhandlu obuse-OR Tambo Government Precinct, nalapho bevumelene khona ukuthi behlise izimenenja eziphezulu zisuke ku-23 ziye ku-13.
Uhlaka olusha luzogxila ezinsizeni ezibalulekile njengengqalasizinda, izinsizakalo zezenhlalakahle kanye nokuthuthukiswa komnotho.
USiyanda Makhube we-ActionSA uthe ukuba nabaphathi abangu-23 bonke ababikela iMenenja yeDolobha u-Imogen Mashazi akubasebenzeli kahle.
“Lokhu kudale isimo esingalawuleki ebesingahambisani nokuphatha ngendlela efanele, ukuziphendulela kanye nokulethwa kwezidingo kubantu. Izinsizakalo ezinikezwe izinkontileka njengamanje ziku-11% wesabelomali esiphelele sezindleko zokusebenza okuyinto ephambene nomkhawulo woMgcinimafa kaZwelonke. Lokhu kwenza kube nesikhala sokuqashwa kwabasebenzi njengonogada nabahlanzi,” usho kanje.
Khonamanjalo, i-DA idinwe igane unwabu ngohlelo lwedolobha lokukhokha u-R16-million wamabhonasi okusebenza.
Okhulumela i-DA, uGolden Maduana, uthe bayayenqaba eyokukhokhwa kwamabhonasi kube kubheda kanje ukuhlinzekwa kwezinsiza.
“Sitshelwe ukuthi ayikho imali yokusika utshani,nekadizili noma uphethiloli wemikhumbi noma amajeneretha edolobha. Izigidi zamarandi ziyashoda kulabo abahlinzeka ngemisebenzi kanye nezinsiza, ukheshi okhona mncane kakhulu, nokho. naphezu kwalokhu, bavume ukukhokhwa kwamabhonasi,” usho kanje.
Kodwa u-MMC wezezimali uJongizizwe Dlabathi uthe la mabhonasi awangonyaka ka-2021/2022 futhi vele babethenjisiwe abasebenzi.
“Lawa mabhonasi awabasebenzi; awazange acutshungulwe ngesikhathi ababethenjiswe ngaso kodwa asegunyaziwe manje. Njengoba idolobha lingekho esimweni sezimali esikahle sokuthi sikhokhe ngokushesha u-R16 million wamabhonasi kuze kube kuyabonakala ukuthi imali seyikhona.”
UDlabathi uthe bagxile ekukhokheleni abahlinzeki bezinsiza kuqala nokuthuthukisa ukusebenza kwedolobha.
Osesithombeni esingenhla: IMeya yase-Ekurhuleni uNkosindiphile Xhakaza.
Umthombo Wesithombe : Doreen Mokgolo