Menzi Magubane
I-Egypt ifinyelele esigabeni somkhumulajezi kwi-Afcon kulandela ukuqala ngebatha kulemidlalo.
I-Egypt inqobe umdlalo wayo wokugcina kweyamaqoqo ngo 1-0 yaqeda endaweni yesibili ku-Group D ngamaphuzu ayisithupha bajoyina i-Nigeria esigabenei somkhumulajezi.
UMohamed Abdelmonem ube yiqhawe le-Egypt ngokushaya igoli ngekhanda ngesiwombe sokuqala.
I-Egypt, efike e-Cameroon njengelinye lamaqembu aphakamisa indebe, iwuqale kabi umqhudelwano.
Ihlulwe i-Super Eagles emdlalweni wokuvula lo mqhudelwano futhi ayizange ibanike ngisho ithuba.
Kodwa baye bazithintitha uthuli emdlalweni wabo olandelayo bebhekene neqembu elinenkani i-Guinea-Bissau futhi bathola lawo maphuzu amathathu abalulekile ngenxa yegoli likakaputeni uMohamed Salah.
Manje i-Egypt izobe inethemba lokugwema okwenzeka ngo-2019 kumzuliswano wesibili ngesikhathi isingathe lo mqhudelwano. Ngalowonyaka bakhishwa iBafana Bafana.
Uma kuyiwa phambili ithimba labaqeqeshi base-Egypt kufanele likhathazeke ngokungaciji kweqembu ekushayeni amagoli, ngemuva kokushaya amagoli amabili kuphela emidlalweni emithathu.
Ngakolunye uhlangothi i-Super Eagles ayizange ibe nezinkinga ngokushaya amagoli, njengoba ishaye amagoli ayisithupha yadedela elilodwa vo.
Ukunqoba kwangoLwesithathu ngo 2-0 bedlala ne-Guinea-Bissau kusho ukuthi yilona kuphela iqembu elinqobe imidlalo yalo yamaqoqo kulo mqhudelwano walo nyaka. Amagoli esiwombe sesibili ka-Umar Sadiq noWilliam Troost-Ekong ababeke phezulu eqoqweni.
I-Super Eagles iqinise amathuba ayo okuba phakathi kwamaqembu azothotha umhlanganiso. Ukuqala kwabo umqhudelwano yikho obekudingwa abalandeli babo.
Ekuphumeni kwayo kwi-Afcon ngo-2019, i-Nigeria yahlulwa kowandulela owamanqamu i-Algeria eyanqoba lo mqhudelwano. Kulo nyaka, i-Super Eagles ibukeka icijile futhi ikulungele ukuqhubekela phambili.
Khonamanjalo, i-CAF isikuqinisekisile ukutonyulwa kwemidlalo yokuhlungela iNdebe Yomhlaba ye-FIFA 2022 ezodlalwa ngoLwesihlanu e-Douala e-Cameroon. Emidlalweni efanayo kuzophinde kuqhathwe imidlalo yokuhlungela i-Afcon 2023.
I-Afcon elandelayo izosingathwa i-Ivory Coast.
Umthombo wesithombe:@cafonline