I-Egypt iphule irekhodi leMorocco lokungashaywa

Dylan Bettencourt

Bezidlana imilala emdlalweni obuphakathi kwe-Egypt neMorocco kweye-Afcon lapho ezikaFaro zigcine zinqobe khona zaphula irekhodi leMorocco lokungahlulwa kusukela NGO-2014.

I-Morocco iyona ebhakuzise kuqala inethi ngegoli elishawe nguSofiane Boufal.

Amaphaphu abephezulu ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo futhi ubushube kakhulu ngesikhathi umdlalo usuphakathi nendawo.

I-Egypt ibilwa nazo zonke izinqumo eziphikisana nayo kanti umqeqeshi wabo uCarlos Quieroz nethimba lakhe kudingeke ukuthi baxwayiswe kaningi ngokuthi kumele behlise umoya.

Samsung Galaxy 14G

I-Egypt ibuye ivutha umlilo ngesiwombe sesibili futhi ngaphansi kwemizuzu eyishumi ngemuva kokuthi umdlalo uqalile, isithenjwa sabo uMohamed Salah uthole ithuba lokushaya inethi.

Aphendukile amatafula njengoba i-Morocco yagcina ukuhlulwa emdlalweni eyashaya kuwo igoli lokuqala ngonyaka ka-2014.

Njengoba umdlalo ubusuya emaphethelweni, kuvele kwashuba   kumaqembu womabili.

Kodwa sekusele imizuzu eyishumi kudlule isikhathi esengeziwe, umpetha uSalah uthole uzakwabo uTrezeguet wafaka ibhola enethini okwenza i-Egypt ihambe phambili okokuqala ngqa njengoba ibiphakamisa izwe layo i-Egypt.

Njengoba i-Algeria, i-Nigeria ne-Ivory Coast bephumile kulo mqhudelwano, i-Egypt ibingafuni ukufana nabanye ihlulwe izintandokazi bese ihamba ilambatha.

Abaphumelele sebezozizwa njengezintandokazi ukunqoba lo mqhudelwano ngempelasonto ezayo, kodwa kuzodingeka banqobe abasingathi balemidlalo i-Cameroon kowandulela kowamanqamu ngoLwesithathu uma befuna ukusondela ekunqobeni isicoco sabo sesishiyagalombili se-Afcon.

I-semi-final phakathi kwe-Cameroon ne-Egypt izofana njengo mdlalo ophindwayo njengalo wangonyaka ka-2017 okulindeleke ukuthi kube umdlalo onzima kulamaqembu ase-Afrika.

Umthombo wesithombe: @Goal

Scrolla World Cup Quiz