I-Egypt ingene ngembobo yenaliti kweyomkhumulajezi

I-Egypt ikwazile ukungena kuhlu lwamaqembu angu-16 ngokudlala ngokulingana (2-2) ne-Cape Verde ku-Africa Cup of Nations (Afcon).

I-Egypt ibidinga ukudlala ngokulingana nomphumela wezimbangi zabo i-Ghana ebibhekene ne-Mozambique nobekubukeka sengathi izodlula ngamagoli amabili eqandeni esikhathini esengeziwe.

Nokho i-Mozambique ikwazile ukushaya amagoli amabili, okudedele i-Egypt ukuthi ingene kanti i-Ghana isale inceia isithupha.

I-Egypt ibilandela i-Cape Verde kuyiwa ekhefini kodwa yabuya ngamandla esiwombeni sesibili.

UTrezeguet ushayele i-Egypt igoli lokulinganisa (1-1). Kuthe esikhathini esengeziwe uMostafa Mohamed washaya igoli wabeka i-Egypt phambili. Nokho i-Cape Verde isheshe yalinganisa ngegoli likaBryan Teixeira.

I-Egypt iqede isibili eqoqweni layo yadlulela emzuliswaneni olandelayo. Bazodlala neqembu eliphume isibili ku-Group F ngeSonto.

Umdlali wase-Egypt, uMohamed Salah ongakwazanga ukudlala ngenxa yokulimala ubukele umdlalo ehlezi enkundleni kanti uzobuyela kwi-Liverpool ukuyolashwa. Akukacaci ukuthi uzokwazi yini ukudlala uma i-Egypt ifinyelela kowamanqamu.

I-Egypt esenqobe i-Africa Cup of Nations amahlandla ayisikhombisa, ibhekene nobunzima kulo mzuliswano. Banethemba lokuthi bazowina isicoco sabo sokuqala kusukela ngo-2010, kanti kungenzeka ukuthi uSalah uzobuya ukuzosiza.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe esingenhla: I-Egypt ibhekene ne-Cape Verde.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva