Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
I-EFF e-Eastern Cape ime neKumkani yabaThembu uBuyelekhaya Dalindyebo empini yayo noNdunankulu u-Oscar Mabuyane.
UMabuyane uvulele uKumkani icala le-crimen injuria (igama elisemthethweni lokulimaza isithunzi somuntu) ngemuva kokuba iKumkani imsole ngokuhlomula ekuqolweni kwabantu imali.
Emhlanganweni womphakathi mayelana nokuqolwa kwezikole endaweni yaseMthatha West, uKumkani Dalindyebo uthe: “U-Oscar Mabuyane, ngingakufakazela lokho kunoma iyiphi inkantolo, uhlomulile ngezenzo zobuwula zika [Sakhumzi Dalinzo] Mareke [izinsolo zokukhwabanisa]. Kumele angibonise ukuthi nginephutha uma ngimmangalela ngamanga.”
UMareke, obethi uyinduna yaseMthatha West, ubulawe ngesikhathi kudutshulwana namaphoyisa ngoLwesithathu olwedlule ebusuku.
Umholi we-EFF esifundazweni uZilindile Vena ugxeke uMabuyane ngokuvula icala, wathi ukumosha izinsiza zombuso nokusebenzisa budedengu amandla.
“UMabuyane uphuthelwe umlayezo uKumkani abezama ukuwuthumela esikhundleni salokho wakwenza lokhu kwangaye,” kusho uVena.
Uqhube wathi leli cala liphazamisa udaba olukhulu lobugebengu esifundazweni.
Uthe uKumkani usebenzisana kakhulu nemiphakathi ukulwa nokuqolwa kwabantu, ikakhulukazi emkhakheni wezokuthutha umphakathi.
Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape uLieutenant-Colonel Siphokazi Mawisa ukuqinisekisile ukuthi uMabuyane uvule icala esiteshini samaphoyisa eBhisho.
UNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi, uXolile Nqatha, naye uvule icala lokudicelela phansi isithunzi kodwa icala lakhe libhekene nomnikazi wekhasi likaFacebook owabeka izinsolo ezifanayo, hhayi uKumkani Dalindyebo.
UPrincess Ntando Dalindyebo, okhulumela uKumkani, uthe amaphoyisa abengakaxhumani noyise, kodwa ukulungele ukuzivikela.
“UKumkani uyakumela akushilo futhi sinobufakazi bokukweseka. Sizoqhubeka nokulwa nokuqolwa kwemali,” kusho yena.
Esithombeni esingenhla: IKumlani yabaThembu uBuyelekhaya Dalindyebo.
Umthombo: Facebook