I-EFF izoqoka abaholi abasha ngoZibandlela

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Ngaphambi komhlangano wesithathu we-EFF National People’s Assembly, umholi weqembu uJulius Malema uthe amagatsha anamalungu angaphezu kuka-100 kuphela azovunyelwa ukuthi abambe iqhaza.

Ubekhuluma nabezindaba eWinnie Madikizela-Mandela House eGoli ngoLwesine.

Ingqungquthela yenzeka njalo eminyakeni emihlanu futhi iyisigungu esiphezulu esithatha izinqumo zeqembu.

Kulindeleke ukuthi ihlale kusukela mhlaka-12 kuya ku-15 kuZibandlela e-Nasrec Expo Centre eGoli.

Kulapho okuzokhethwa khona iphini likamengameli omusha weqembu ngemuva kokuthi uFloyd Shivambu ehambile wajoyina uMkhonto weSizwe. Kuzokhethwa ubuholi obusha njengoba isikhathi sobuholi obukhona sesiphelile.

UMalema uthe emagatsheni angu-2 123, angu-1 100 kuphela azoqoka ubuholi obusha.

“E-KZN amagatsha angu-14 ahlulekile ukuhlangabezana nezidingo zokubamba iqhaza engqungqutheleni. Bazomenywa kuphela njengezihambeli ukuze babone ukuthi amanye amagatsha ezweni lonke enzani ukuze bafunde abuyele emuva ukuyokwenza okufanayo,” kusho uMalema.

“Asizimisele ngokuhlakaza izinhlaka eKZN; sizokwakha kabusha ngezinhlaka ezikhona.”

UMalema uthe ingqungquthela izobanjwa ngaphansi kwemibandela eqinile.

“Izithunywa zizolala ehhotela elikhokhelwa yi-EFF bese zihanjiswa yithina zisuka lapho ziyiswe endaweni yengqungquthela. Labo abangenanhlonipho nabayingxenye yamaqembu-qembu adala uqhekeko bazoboniswa umnyango.

“Sizobaphuca ama-tag futhi lokhu kuzoqinisekiswa ukuthi wonke umuntu uhambisana nemithetho yokuziphatha nemigomo yeqembu,” usho kanje.

UMalema uthe iqembu lihlela ukuhlanganisa i-EFF Student Command ne-EFF Youth League.

Esithombeni ngenhla: Abaholi be-EFF.

Umthombo: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva