Lubhalwe nguLungani Zungu
I-EFF izohlola amandla ayo e-Limpopo okuyisifundazwe lapho kudabuka khona umholi weqembu uJulius Malema, okhethweni lokuchibiyela oluzokwenzeka kabili.
Ukhetho lokuchibiyela ku-ward-10 kuMasipala wase-Polokwane idolobha lapho uMalema adabuka khona lubonakala lizoba nzima, kanti i-EFF isimise yonke into ukuze ibheke ukuzuza le-ward.
I-EFF ithembise okuningi emkhankasweni wayo okuhlanganisa nokuthengela izakhamuzi ezihlwempu zaku-ward 10 ithangi lamanzi uJojo.
Kodwa-ke, kusazobonakala ukuthi ngabe lokhu kuzoletha amavoti iqembu eliwalindele.
Le ward ingeye-EFF kanti bekumele ithathwe kulandela ukushona kwekhansela layo uRamokone Doris Photo ngoMfumfu nyakenye.
I-EFF ithumele amasosha ayo uJacob Segodi Seshoka ukuthi ayovikela le wadi kwabanye abayigaqele.
UMaropeng Ramoshaba we-ANC, uMayinga Hlongwane we-ActionSA, uTebogo Makwea we-Active African Christians United Movement, noJackson Khoza we-Party of Action, bonke bagaqele isikhundla esiphezulu kule wadi.
I-EFF ibambe umhlangano ngeSonto nesikhulumi obekuyilungu leqembu uMbuyiseni Ndlozi kanti ngaphambi kokhetho wathembisa ukuthi uzolwa ngakho konke elwela le ndawo.
Inani labavoti lalingu-45.21% okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2021.
Olunye ukhetho luzoba ku-ward-17 kuMasipala wase-Blouberg, e-Limpopo kanti bekumele lubanjwe ngemuva kokushona kwekhansela le-ANC uSylvia Tlepyane nyakenye.
I-EFF ikholelwa ukuthi uJustice Maputla uyena ofanele ukuhola iwadi ku-ANC emelwe nguSebolaishi Anikie Maputla olwela ukugcina iwadi yeqembu lakhe.
Abangenele ukhetho ngokuzimela uMalvis Rakgoropo, uMokgesi Davhana noPhineas Makgwathana nabo bafake amagama abo esicongweni somsebenzi ophambili wale wadi.
Inani labantu ababekhona lalingu-50% okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2021.
Olunye ukhetho lokuchibiyela oluzojabulisa abantu abaningi luzoba se-Eastern Cape kuWadi-5 kuMasipala wase-Mbhashe.
Le ward iyisizinda esiqinile se-ANC esivuleke ngesikhathi kushona ikhansela le-ANC.
Leli qembu libophele uMnu Mzekelo Ndikinda ophikisana noSikelela Mdikinda we-EFF no-Elmon Ncetezo we-UDM. Inani labavoti lalingu-45% okhethweni lwasekhaya lwango-2021.
Esithombeni esingenhla: Amasosha angaphansi kwe-EFF abematasa ngoLwesibili ngaphambi kokhetho lokuchibiyela namuhla
Umthombo wesithombe: @EFFSouthAfrica