Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Amalungu e-EFF atholane phezulu nawe-ANC emkhankasweni wokungena umuzi nomuzi e-Juju Valley, e-Seshego ngeSonto ngenkathi lawo e-EFF efuna ukuba aphume kule ndawo.
Le ndawo iqanjwe ngomholi we-EFF, uMnuz Julius Malema obuye abizwe ngoJuju kwezombusazwe.
Amavolontiya e-ANC ebeqhuba umkhankaso wokungena umuzi nomuzi eholwa uSihlalo wesifunda uMnuz Makoro Mpe ahlangatshezwe iqulu lamalungu e-EFF efuna aphume aphale endaweni.
Kwividiyo esisabalele ezinkundleni zokuxhumana, amalungu e-ANC abonakala ejikijela amalungu e-EFF ngamatshe nawo abephindisela – kwase kuqhuma isibhamu kwalimala intombazane (9) ebibukele kanye nowesilisa (25).
Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier Hlulani Mashaba uthe baphenya amacala okuzama ukubulala. Akekho osaboshiwe.
“Idlanzana labanye abantu bathole imihuzuko ngemuva kokuba la malungu eshayane ngamatshe kwaphinde kwaqhunyiswa nezibhamu kaningi.
“Kungenzeka ukuthi kubikwe amacala amaningi njengoba kuqhubeka uphenyo,” usho kanje.
UMashaba uthe amaphoyisa ayasigxeka isenzo sodlame esingenangqondo esiholela ekulimaleni kwabantu abangenacala nengane.
“Ukuphepha nokuvikeleka kwemiphakathi yethu, ikakhulukazi ngesikhathi sokhetho kubaluleke kakhulu,” kuqhuba yena.
UTinny Morema oyilungu le-ANC olimale ngesikhathi kunengxabano uthe ushaywe yitshe ngesikhathi ezama ukubalekela endaweni ephephile.
“Amalungu e-EFF ebethukuthele egane unwabu efuna ukusikhombisa ukuthi le ndawo ngeyabo, ngakho bekungekho okunye ebesingakwenza ngaphandle kokuthi silwe.
“Ayikho indawo ezweni okungeyeqembu lepolitiki. Izakhamizi azikwazi ukuvinjezelwa ngabantu abangamalungu amaqembu athile ezepolitiki.
“Sizokhankasa noma yikuphi lapho esithanda khona uma sithanda ngaphandle kokwesaba noma yiliphi iqembu lezepolitiki,” kusho yena.
Esitatimendeni esikhishwe i-ANC, uMpe uthe ngesikhathi bekhankasa amalungu e-EFF athe le ndawo akuyona indawo yokuthi kungene noma yiliphi iqembu lezepolitiki.
Kodwa-ke, “izakhamizi ngobuningi bazo zamukele i-ANC futhi zanxusa uhulumeni ukuthi asheshise izidingongqangi. “Sikugxeka kakhulu ukungabekezelelani kwezepolitiki,” kusho yena.
Esithombeni esingenhla: USihlalo we-ANC esifundeni uMakoro Mpe.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe