Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
I-EFF KwaZulu-Natal ithi ngisho abaholi bayo bangaboshwa kodwa isazoyilwa indaba kamasipala waseMhlathuze ukuze kugcine kukhishwe amakhansela amathathu aleli qembu asaxoshwa okukhalwa ngokuthi afukanyelwe i-IFP.
Lokhu kuvezwe yileli qembu ngemuva kokuba licasulwe ubheyili abathi imba eqolo engu-R5000 umuntu ngamunye yokudedela uSihlalo wesiFundazwe uMnuz Mongezi Thwala nozakwabo abane okungoSabelo Khubisa, uSimphiwe Ndlela, uSimo Gumede noVusimuzi Cele.
Laba badedelwe inkantolo kaMantshi yaseRichardsby ngoLwesithathu .
Esitatimendeni leli qembu lithi lebheyili nokuboshwa kobuholi ngodaba lwaseMhlathuze kukhomba ngokusobala ukuthi umthetho ulawulwa ngesandla semfene.
“Akekho ozosivala umlomo. Kunalokho okwenzekile sekusinikeze amandla amakhulu ukuba silwe nobugebengu obenziwa eMhlathuze bokufukamela amakhansela i-EFF ewaxoshile. Sifuna umkhandlu uwakhiphe lamakhansela bese sifaka amanye azimela izimfuno zabantu,” kusho isitatimende.
Ngenyanga eyedlule abaholi be-EFF bahole umbhikisho obunodlame bangena ngesankahlu emkhandlwini waseMhlathuze befuna kuxoshwe amakhansela amathathu aleli qembu.
Bathi lamkhansela afukanyelwe i-IFP ekubeni bona sebawaxosha ngemuva kokuhluleka ukukhipha amabhasi ayezolayisha abantu ababezokuya emgubheni weminyaka eyishumi kwasungulwa i-EFF owawuseFNB eGoli.
Leli qembu libalisa nangokuthi i-IFP ibaphethe ngobhojwana ngoba nakumasipala iBig 5 Hlabisa kunekhansela labo abalixosha kodwa i-IFP ayifuni liphume.