I-EFF isonga ngokubopha uLux uma amaphoyisa engambophi

Everson Luhanga

I-Economic Freedom Fighters (EFF) itshele amaphoyisa ukuthi uma ehluleka ukubopha umholi weqembu we-Operation Dudula, uNhlanhla Lux Dlamini, izozibophela yona.

NgoLwesithathu, iqembu lezombusazwe lithe abomthetho banezinsuku eziyisikhombisa ukubopha uDlamini ngokugqekeza emzini kaBaba uVictor Ramerafe ngaphambi kokumsabisa nokumshaya.

I-EFF iphinde yasola amaphoyisa “ngokuba onogada be-Operation Dudula njalo uma ihlasela ngokungemthetho.”

Abalandeli be-EFF nabe-Operation Dudula babhekane ngeziqu zamehlo kwasala ozogadla kuqala  ngoLwesithathu esiteshini samaphoyisa e-Dobsonville.

Ekhuluma nabalandeli ngaphandle kwesiteshini ngoLwesithathu, okhulumela i-EFF kuzwelonke uSinawo Thambo ubize uLux “ngesosha eliyithoyizi”, “isikhohlakali” kanye “nesigebengu esihlukumeza abantu ababuthakathaka emphakathini.”

“Sinikeza amaphoyisa izinsuku eziyisikhombisa ukuthi abophe uNhlanhla Lux.

“Asifuni ukumbona e-Alexandra, e-Dobsonville, noma kwenye indawo,” usho kanje.

Uphinde waveza ukuthi i-EFF izimisele ngokulimaza umholi wale nhlangano, exwayisa ngokuthi uma amaphoyisa engambophi, bona bazomhambisa emaphoyiseni esesimweni esingeke sithandwe ngamaphoyisa.

“Uma amaphoyisa engambophi, sizozithathela umthetho ngezandla. Uma engena emagcekeni ethu, ngeke aphume ephila,” kusho uThambo.

UThambo uphinde wasola inhlangano ye-Operation Dudula ngokuthi ixhaswe ngabamhlophe ukuze idale uthuthuva emiphakathini yabamnyama.

Ephendula izinsongo ze-EFF, uLux utshele i-Scrolla.Africa ukuthi amalungu e-Operation Dudula akumele athukuthele futhi abuyisele inhlamba ethukwa i-EFF.

Uthe i-Operation Dudula imashe ngokuthula yaya esiteshini samaphoyisa e-Dobsonville ngoLwesithathu, ngesikhathi i-EFF ifika ihlome ngezikhali.

“I-EFF ibhekene nezinkinga eziningi. Sifike esiteshini samaphoyisa ngokuthula siphethe amafulegi aseNingizimu Afrika nawenhlangano. Asithuswanga ukuthi baphethe zonke izikhali ezifana nezinduku zegalofu, imikhonto, izando kanye nezinduku,” esho.

Umhlali wakulendawo uMaria Mphepo uthe lesi senzo sesenze umbono wakhe wahluka ngeqembu. “Benginethemba lokuthi i-EFF ilwela abantu abamnyama. Kodwa manje, ngidangele. Angazi noma ngibasekele noma ngingabasekeli.”

Kamuva ngoLwesithathu ntambama, i-Alexandra Dudula Movement itheleke e-Soweto ngamatekisi agcwele abalandeli. Umholi wale nhlangano uSimon “Msayza” Rati uthe baze e-Soweto ukuzokweseka ozakwabo.

Izihloko zakamuva