I-EFF isize umlandeli kaZuma osolwa ngokudala udlame

Celani Sikhakhane

Omunye wamulungu e-EFF weseka osolwa ngokugqugquzela udlame.

OwayenguNobhala Jikelele we-EFF osephenduke ummeli, uGoodrich Gardee umangalele uNgqongqoshe wamaPhoyisa egameni likaZamaswazi Majozi owaziwa ku-Twitter ngelikaSphithiphithi Evacuator ngokuboshwa ngokungemthetho.

UMajozi, ongumlandeli wokuqina kaZuma ku-Twitter, waboshwa ngoNcwaba ngezinsolo zokugqugquzela udlame ngesikhathi sodlame lwangoNtulikazi.

Encwadini uGardee wazisa uNgqongqoshe uBheki Cele kanye noKhomishana wamaPhoyisa uKhehla Sitole ukuthi ikhasimende lakhe lizomangalela amaphoyisa izigidi zamarandi.

Incwadi ithi bayalelwe ukuthi bafune isamba semali esingadalulwanga.

Le ncwadi yengeze ngokuthi le mali imayelana nokushaqeka kanye nokuhlukumezeka ngokozwelo, ukulahlekelwa imali engenayo, ukuphepha komuntu, ukuhlambalazwa emphakathini kanye nokulimala ngokomthethosisekelo kwekhasimende labo.

“Imali abayifunayo kufanele ikhokhwe zingakapheli izinsuku ezingama-60 ku-akhawunti yethu ye-trust,” kusho incwadi.

Incwadi kuthiwa isebenza njengesaziso esibhalwe phansi esisemthethweni sokuthi ikhasimende lihlose ukuthatha izinyathelo zomthetho ngomonakalo owenziwe kulo.

Okhulumela uCele, uLirandzu Themba, udlulisele yonke imibuzo kuSitole, okhulunyelwa uDimakatso Sello othe usalinde ukuzwa kwizikhulu zakhe.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Vish Naidoo akatholakalanga ukuba aphawule.

UGardee usejoyine izinkakha ezifana no-Advocate Dali Mpofu, owayenguSihlalo kazwelonke we-EFF nobehamba phambili ekusizeni abalandeli bakaZuma ngezomthetho.

Izihloko zakamuva