
Celani Sikhakhane
Kube nezinxushunxushu ePhalamende ngoLwesine ngesikhathi amalungu e-EFF ephazamisa uMengameli uCyril Ramaphosa ukuba akhulume.
Kudingeke ukuthi amalungu e-EFF axoshwe kulesi sigungu ngemuva kokuthi ebize uRamaphosa ngesela nesigebengu emsola ngokushushumbisa imali ngenxa yezinsolo zokukhwabanisa ezenzeka epulazini lakhe i-Phala Phala.
Baze bafaka nendaba yesibhicongo sase-Marikana sango-2012 lapho inqwaba yabavukuzi base-Lonmin ababetelekile babulawa khona ngamaphoyisa. URamaphosa wayenamasheya e-Lonmin futhi engelona ilungu lebhodi eliphethe ngaleso sikhathi.
UNtombovuyo Mente we-EFF ucasule ibhentshi le-ANC ngesikhathi ethi ngeke baxoxisane ngalutho noRamaphosa ngoba uyisela.
USihlalo wePhalamende uGrace Boroto, owengamele ukuhlala kwePhalamende, ubephithene ikhanda ezama ukulawula amalungu eqembu lakhe kanye nawe-EFF. Utshele uMente ukuthi ahoxise inkulumo yakhe kodwa uMente wenqaba.
Lezi zinkulumo ziholele ekutheni amanye amalungu e-EFF akhishwe ngenkani ePhalamende amanye athuliswa.
Lezi zinxushunxushu zibambezele ivoti likaRamaphosa lesabelomali ngehora.
Phambilini osukwini uSomlomo Nosiviwe Maphisa-Nqakula utshele iPhalamende ukuthi ngeke avumele ukuthi kube nokuphazanyiswa kwenkulumo kodwa i-EFF iqhubekile nokuphazamisa ukusebenza, nokuholele ekutheni onogada basePhalamende babaxoshe.
Umholi we-DA, uMnu John Steenhuisen, uthe kuyichilo ukuthi uRamaphosa athule ngobugebengu obenzeka emzini wakhe ngo-2020 nokuthi akazange abikele amaphoyisa ngezinsolo zokwebiwa kwemali engu-$4 million.
USteenhuisen uthe kumele bazi ukuthi ngubani owakhokhela amaphoyisa ukuthi aye e-Namibia ukuyobopha labo abathintekayo.
“UMengameli kumele aphumele obala ngalolu daba futhi athembeke kubantu baseNingizimu Afrika. Uma engakunaki lokhu kuzobe kusho ukuthi akasoze wafunda kulowo owayengumengameli ohlala eNkandla, lapho abantu babevikela khona i-swimming pool bethi ichibi lomlilo,” kusho Steenhuisen.
Umholi we-United Democratic Movement uBantu Holomisa usebhalele uSomlomo incwadi ukuze ahlele umhlangano phakathi kukaRamaphosa namaqembu aphikisayo.