I-EFF ingenelela ‘kolokulawulwa’ kweSilo nguhulumeni eKZN

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

I-EFF isidlulisele ePhalamende udaba lokuthukuthela kweSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini ngohulumeni waKwaZulu-Natal.

Lokhu kuza ngemuva komhlangano nabaholi bomdabu ngesikhathi iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini sibhoka ngolaka sidalula ukuthi silawulwa uhulumeni wase-KZN esebenzisa ihhovisi likaNdunankulu.

Sithe asikwazi ukwenza umsebenzi waso njengeSilo ngokukhululeka.

Kunalokho kumele siguqe kuhulumeni wesifundazwe sicele imvume uma kukhona esifuna  ukukwenza.

Ilungu le-EFF ePhalamende, uLaetitia Arries useyise udaba ePhalamende likazwelonke efuna izimpendulo kuNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uThembi Nkadimeng.

“Ngifuna ukwazi ukuthi ngabe wazisiwe yini ngesikhalazo seSilo samaBandla uMisuzulu KaZwelithini sokuthi ulawulwa uhulumeni nokuthi iziphi izinyathelo esezithathiwe mayelana nalolu daba.”

Uthe uNgqongqoshe kumele abatshele ukuthi yini eseyenziwe ukuqinisekisa ukuthi iSilo siyavunyelwa ukusebenza ngaphandle kokuphazanyiswa uhulumeni wesifundazwe.

UNkadimeng utshele i-EFF ukuthi lolu daba useludlulisele ehhovisi likaNdunankulu wase-KZN futhi usalinde impendulo.

“Angikaze ngaziswe ngalolu daba lweSilo, kodwa abakwa-Cogta sebeludlulisile udaba ehhovisi likaNdunankulu kanti sisalinde impendulo mayelana nalokhu,” kusho uNkadimeng.

Izinsolo ezibhekiswe kuhulumeni wesifundazwe ziholele ekutheni i-ANC kuzwelonke ifune umhlangano ophuthumayo neSilo samaBandla ngenyanga edlule.

Bafike nesipho okuyizinkomo eziyishumi ezethulwe nguNobhala- Jikelele weqembu uMnu Fikile Mbalula nethimba lakhe.

Isithombe esingenhla: Owe-EFF uLaetitia Arries

Umthombo wesithombe: I-EFF Facebook

Izihloko zakamuva