I-EFF imise amalungu amabili ‘ngezinsolo zokuqola’

Lubhalwe nguSihle Mavuso

I-EFF imise okwesikhashana amalungu ayo amabili eThekwini kulandela izinsolo zokuthi abeqola imali.

U-Anele Faku ubesolwa ngokuqola imali elokishini eMlazi.

Ingxenye yencwadi yokumiswa kukaFaku ifundeka kanje: “Sekufike ezindlebeni zethu ukuthi uzibandakanye nokuziphatha okuphambana nezihlinzeko zoMthethosisekelo we-EFF, i-EFF Code of Conduct kanye ne-Revolutionary Code of Discipline njengelungu le-EFF.

“Phakathi kokwephulwa komthetho, kusolwa ukuthi uzibandakanye ekuqoleni ukusebenzisa igama le-Economic Freedom Fighters.

“Uma lokho kuyiqiniso, ukuziphatha kwakho kubeka inhlangano ehlazweni. Uphinde wephula uMthethosisekelo, Izinqubomgomo nezimiso ze-EFF ngokuthi uziphathe ngendlela enenkohlakalo ukuze uzicebise.”

Incwadi isayinwe nguNkululeko Ngubane, uNobhala weqembu esifundazweni.

UFaku utshele i-Scrolla.Africa ukuthi: “Angiyena umuntu onodlame ngakho angizange ngenze lutho. Akuyona imvelo yami ukuphoqa abantu. Kuwumkhankaso nje wokusihlambalaza njengoba sihlala sikhomba abaholi ngezindaba zezombusazwe.”

Incwadi ecishe ifane ithunyelelwe uBongumusa Mhlongo wase-Clermont, entshonalanga yeTheku. Kuthiwa uMhlongo ubeqola izinkampani zonogada ezizimele.

UMhlongo uzichithile lezi zinsolo, wathi ziwumkhankaso wokumhlambalaza ngemuva kokuthi eveze ukuthi uyalishiya iqembu.

Esithombeni ngenhla: I-EFF isithathele izinyathelo amalungu amabili ewasola ngokuqola.

Umthombo: Facebook

Izihloko zakamuva