I-EFF ilwela ukugcina isigceme sedolobha langakubo kaMalema

Moyahabo Mabeba

Edolobheni langakubo kaJulius Malema elokishini i-Seshego ngaphandle kwase-Polokwane, e-Limpopo, i-EFF ibonakala njengenqola yomlingo ezoholela ezweni lesithembiso.

Ngesikhathi uMalema ethula umkhankaso wakhe wokhetho ngoMandulo uthe i-EFF iyiqembu elifanele ukuphatha e-Limpopo, ikakhulukazi kuMasipala wase-Polokwane.

I-EFF inabalandeli abaningi kusigceme se-13, e-Seshego, lapho uMalema azalelwa khona futhi wakhulela khona.

Abaholi bamagatsha bathe isibalo sabo sinyukile njengoba benqobe isigceme se-13 nese-10 okhethweni lohulumeni basekhaya ngowezi-2016.

Yize besabhekene nokuphikiswa okunzima i-ANC, okuyiqembu elinabantu abaningi emkhandlwini, banethemba lokuthi bazophuma benqobile ngomhla wokuqala kuLwezi.

I-EFF inezihlalo ezingama-27 emkhandlwini kanti i-ANC ihola phambili ngezingama-51.

UMathews Leballo, umile kwelokuthi i-EFF ifanelwe ithuba lokubusa nokuletha izidingo kubantu.

“Selokhu kwasungulwa iqembu lethu sikhula ngokumangalisayo. Abantu basibona njengeqembu elihlukile elizobahlenga obishini oludalwe yi-ANC,” esho.

ULeballo uthe i-EFF izogxila ekusebenziseni izinkinga zangaphakathi ze-ANC.

“I-ANC ibuthaka kwezezimali futhi ihlukene phakathi mayelana nezinhlelo zokukhetha ngaphambi kokhetho. Kuyasijabulisa lokho futhi yilapho esizobahlula khona,” esho.

Ongenele isikhundla sobukhansela omele i-ANC, uMasilo Manthata uthe bayalingana kulo msebenzi, wagcizelela nokuthi i-EFF nayo inamaphutha ayo.

UManthata uthe, “Ngemuva kokuthi i-EFF iwine kusigceme se-13, ikhansela labo lenze okuncane mayelana nokulethwa kwezidingo. Yingakho sifuna ukunqoba lesi sigceme ukuze silungise namaphutha enziwe ngamakhansela abo”.

Izihloko zakamuva