I-EFF ihlule i-ANC kwelokuchibiyela

Zukile Majova

I-Economic Freedom Fighters (EFF) ijabule kakhulu ngemuva kokusebenza ngokuzikhandla yaqumba phansi i-ANC eMpumalanga okhethweni lokuchibuyela.

I-EFF iwine ukhetho lokuchibiyela ku-ward-11 eNkomazi ngasemngceleni wase-Swatini nase-Mozambique kwaba isigceme sayo sokuqala yakhipha i-ANC emandleni.

Oqokiwe we-EFF nguSurprise Mafia Fane uyisishoshovu esaziwayo somphakathi.

Ukhetho lokuchibiyela lwangoLwesithathu luza ngemuva kokunqanyulwa kobulungu bekhansela le-ANC lalesi sigceme.

Phambilini i-ANC yawina lesi sigceme ngamavoti angaphezu kuka-53%.

Kulokhu iqembu elibusayo lithole amavoti angu-993 kuphela uma kuqhathaniswa namavoti e-EFF angu-1,662. Umuntu ongenele ukhetho ozimele uzuze amavoti angu-223.

Ukuhlulwa eMpumalanga kufinqe isonto elibi kwi-ANC ehluleke ukulawula umasipala wase-Limpopo yize lo mkhandlu ubuphethwe amakhansela e-ANC.

Ezimweni ezixakile kuMasipala wase-Lephalale, uNico Pienaar we-DA uqokwe njengemeya ngemuva kwezingxabano zezombusazwe eziphoqe amalungu amathathu e-ANC ukuthi avotele i-DA.

Lesi sikhundla sivuleke ngesikhathi i-ANC ithatha isinqumo sokususa iMeya ekhohlakele u-Alpheus Thulare.

Lesi sinqumo sihlukanise i-ANC phakathi esifundeni njengoba amanye amakhansela eseka iMeya exoshiwe.

Amakhansela abengagculisekile azamile ukuphazamisa ivoti lomkhandlu lokuvotela ozongena isikhundla sokuba iMeya ye-ANC kodwa akhishwa uSomlomo.

Esikhundleni samakhansela amathathu e-ANC akhishiwe abavotile bavotele i-DA, okunikeze uPienaar amandla okuba imeya.

Sekuzobonakala ukuthi i-ANC izowachitha yini amakhansela angamaqili nokuthi izibeke engcupheni yokulwa nokhetho lokuchibiyela oluzoba nemihuzuko ngenxa yokwehlulwa okhethweni lokuchibiyela ngisho nasezindaweni zayo.

Isithombe esingenhla: Isishoshovu se-EFF eNkomazi

Credit: Lungani Zungu

Izihloko zakamuva