I-EFF ifuna kususwe iMeya ye-IFP ngemuva kosuku olulodwa ingene esikhundleni

Celani Sikhakhane

Ubudlelwano be-IFP ne-EFF e-Zululand buyabhidlika njengoba besabisa ngevoti lokungazethembi mayelana nemeya.

Amalungu e-EFF asola imeya ngokuhlukumeza abasebenzi bakamasipala ngosuku lwayo lokuqala ehhovisi.

Kuthiwa ngoMsombuluko iMeya yase-Zululand, uMfundisi uThulasizwe Buthelezi ubize bonke abasebenzi bakamasipala ukuze azozithula kubo.

Ube esethi uyazi ukuthi bebengekho emsebenzini wabo bekhankasela amaqembu abo ezepolitiki ngakho-ke ufuna basule emsebenzini.

I-Scrolla.Africa siyakuqonda ukuthi uButhelezi uphinde wafuna ukuthi abasebenzi bahlinzeke ngeziqu zabo zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa.

Omunye wabasebenzi bomnyango wezobuchwepheshe uthe uButhelezi wambuza ukuthi kungani engasigqoki isikibha sakhe se-NFP ngoba wambona ekhankasela i-NFP kwaNongoma.

“Ngimtshele ukuthi angikwazi ukugqoka izingubo zeqembu lami lepolitiki emsebenzini. Wangiyalela ukuthi ngisule emsebenzini, kodwa nganqaba,” esho.

Esinye isisebenzi sitshele i-Scroll.Africa ukuthi ikusasa labo libukeka lifiphala ngoba ukubuya kukaButhelezi kube yiphupho elibi kubo.

“Abanye abasebenzi balinde izincwadi zokumiswa emsebenzini ngoba abafuni ukusula, wonke umuntu uyatatazela,” kusho esinye isikhulu.

USihlalo we-EFF eKZN, uMnu Vusi Khoza, ubhale ku-Facebook ukuthi uma uButhelezi eqhubeka nokuziphatha ngale ndlela kubasebenzi bazophoqeleka ukuthi bamkhiphe ngevoti lokungamethembi.

UNobhala we-NFP esifundazweni, uZandile Myeni, uthe abasebenzi ababiki kuButhelezi.

“Yilabo abangaphansi kuka-Section 56 abangabaphathi kuphela okumele babike kuye,” kusho uMyeni.

UMnu Lindokuhle Xulu we-ANCYL obehola umbhikisho ophikisana nesidlo sasekuseni sikaButhelezi okuthiwa sabiza imali eyizigidi ezinhlanu zamarandi, uthe bafuna i-EFF ihoxe kumadlelandawonye e-Zululand.

UButhelezi akathandanga ukuphika noma ukuvuma izinsolo abekwe zona.

Izihloko zakamuva