I-EFF ifuna iBanyana ikhushulelwe umholo

Menzi Magubane

Ngo-2019, i-South African Football Association (Safa) yathembisa ukuthi izokhokhela iBanyana Banyana umholo ofanayo noweBafana Bafana.

Ngemuva kweminyaka emithathu lolu shintsho belungakenziwa, ngakho i-EFF ifuna kuthathwe izinyathelo.

Abadlali beBafana bakhokhelwa u-R500 ngosuku kanti ozakwabo besifazane bakhokhelwa u-R400 ngomsebenzi ofanayo.

Mayelana namabhonasi abadlali beBafana bathola u-R60 000 umuntu ngamunye uma bewina bese bethula u-R40 000 uma bedlale ngokulingana.

Ngakolunye uhlangothi abadlali beBanyana bathola u-R5 000 umuntu ngamunye uma bewinile kanti uma bedlale ngokulingana emdlalweni wobungani bathola u-R4 000.

“Ngokusho kukamqeqeshi uDesiree Ellis, ukwazi ukuthi lokhu okwawo wonke umuntu ekhaya, kukhona abangakwazi ngisho ukusibuka ngenxa yokucishwa kukagesi emakhaya.” kusho i-EFF esitatimendeni.

“Khokhani futhi nikhuthaze iqembu labesifazane ngendlela efanayo noma ngaphezu [kozakwabo] besilisa.”

Njengamanje iBanyana yenza kahle kwi-Women Africa Cup of Nations (Wafcon) e-Morocco. Badlulele kowandulela owamanqamu lapho abazobhekana khona ne-Zambia ngoMsombuluko ebusuku.

UMengameli se-Safa, uDanny Jordaan, uthembise ukunikeza abadlali beBanyana ibhonasi ka-R400 000 umuntu ngamunye uma bewina lo mqhudelwano.

Ngokuhlangene nezwe elisingethe lo mqhudelwano i-Morocco, yiwona kuphela amaqembu angakuhlulwa emqhudelwaneni futhi aphakathi kwezintandokazi ezingawina lo mqhudelwano.

Bazikhombisile kuthi bangobani kulo mqhudelwano ngemuva kokushaya ompetha i-Nigeria emdlalweni wabo wokuvula. Baqhubekile nokuwina imidlalo yabo esele yesigaba samaqoqo nokulandela ngokuwina owomkhumulajezi.

IBanyana ihlule i-Tunisia ngo 1-0 emdlalweni obushubile ngoLwesine ngesikhathi i-Morocco ihlula i-Botswana emdlalweni wamaqembu ayisishiyagalombili ahamba phambili ukuze izibekisele indawo kowandulela owamanqamu. NgoMsombuluko ebusuku i-Morocco izobhekana ne-Nigeria ukuze ingene kowamanqamu.

Umthombo wesithombe: @Banyana_Banyana

Izihloko zakamuva