I-EFF ibungaza ukwebiwa kwendondo kaDe Klerk

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

I-EFF e-Western Cape ithi nakuba igxeka noma yiluphi uhlobo lokweba, ikwamukela ngenjabulo ukwebiwa kwendondo ye-Nobel Peace Prize eyanikwa owayenguMengameli wakuleli wobandlululo uFW de Klerk.

Kubikwa ukuthi le ndondo yebiwe emzini wakhe oseKapa ezinyangeni eziyisithupha ezedlule kanti amaphoyisa aseKapa aphenya icala lokweba.

Esitatimendeni i-EFF ibize uDe Klerk ngomgqugquzeli wobandlululo owabulala abaningi futhi ithi bekufanele aphucwe indondo ye-Nobel Peace Price nokuthi bekumele avulelwe amacala obugebengu esaphila.

UDe Klerk washona eneminyaka engu-85 ubudala ngoLwezi nyakenye ngemuva kokuxinwa umdlavuza isikhashana.

Wathola le ndondo ngo-1993 kanye nowayenguMengameli wangaleso sikhathi uNelson Mandela “ngomsebenzi wabo wokuqeda umbuso wobandlululo ngokuthula, kanye nokwakha izinhlangano zakuleli zentando yeningi.”

Le ndondo yegolide inama-carat angu-18 kanti isisindo sayo singu-196 grams.

Kuthiwa le ndondo ingabiza u-$969,000 (cishe u-R17 million) futhi ihambisana ne-diploma kanye nenye indondo yegolide.

Ngaleso sikhathi, iKomiti lokuThula le-Nobel lathi uMandela noDe Klerk bafinyelela esivumelwaneni ngemigomo yokushintshela ohlelweni olusha lwezepolitiki olusekelwe umgomo wevoti lomuntu ngamunye.

I-EFF ithe uDe Klerk wayalela ukuthi kubulawe izingane ezingenacala esigamekweni sokweqa imingcele ukuze kubhubhiswe umuzi owawuhlala intsha emnyama.

“Waphinde wathinteka emihlanganweni eyimfihlo lapho okwathathwa khona isinqumo sokubulala iqembu le-Cradock four,” kusho i-EFF.

Bathi uDe Klerk wavala amaqembu ezepolitiki kanye nabaholi ababoshwa e-Robben Island ngenxa yengcindezi ayebekwe yona.

Esithombeni esingenhla: Indondo ye-Nobel Peace Prize eyanikwa owayenguMengameli wakuleli uFW De Klerk

Umthombo wesithombe: Namibian Sun

Izihloko zakamuva