I-Eastern Cape  isiyikomkhulu lokubulawa kwabantu eNingizimu Afrika

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

  • Isifundazwe sase-Eastern Cape sihamba phambili ngezibalo zokubulawa kwabantu eNingizimu Afrika, njengoba kubulawe abantu abangu-1,315 phakathi kukaNtulikazi noMandulo kulo nyaka.
  • Amakamu amaphoyisa ayisikhombisa esifundazweni aphakathi kwamakamu angamashumi amathathu ahamba phambili eNingizimu Afrika ngezibalo eziphezulu zamacala okubulala abikiwe.

Isifundazwe sase-Eastern Cape ingxenye yaso enkulu ingamaphandle sesidlula lezi ezizinze emadolobheni amaningi  ngokuba yinhloko-dolobha yokubulawa kwabantu eNingizimu Afrika.

Idlule izimbangi ezijwayelekile ezifana neGauteng, i-Western Cape kanye neKZN.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu uthe izibalo ezintsha zobulelesi zikhombisa ukuthi lesi sifundazwe manje siyisifundazwe esiyingozi kakhulu ngokubulala eNingizimu Afrika.

UMchunu udalule lezi zindaba eGoli ngoMsombuluko ngesikhathi ethula izibalo zobugebengu kusukela ngoNtulikazi kuya kuMandulo 2024.

Kulezi zinyanga ezintathu, kwabulawa abantu abangu-1,315 e-Eastern Cape. Isifundazwe siphinde sabika amacala okunukubeza ngocansi angu-1,843.

Kubantu abangu-100,000 e-Eastern Cape, babalelwa emashumini amabili ababulewe– okuyizinga eliphezulu kakhulu eNingizimu Afrika.

Lesi sifundazwe siphinde saba nezinga lesibili eliphezulu lokudlwengula, njengoba kwaba nezisulu ezibalelwa emashumini amabili nantathu kubantu abangu-100 000.

Iziteshi zamaphoyisa eziyisikhombisa kulesi sifundazwe zibalwa neziteshi ezingamashumi amathathu ezihamba phambili ngezibalo zamacala okubulala abikiwe.

USihlalo we-DA e-Eastern Cape, uMnuz Yusuf Cassim, uthe lezi zinombolo zidweba isithombe esishaqisayo.

“Isimo sisalokhu sinjalo, njengoba kuqhubeka ukubulawa kwabantu abaningi nokudlwengulwa kwabantu ngaphandle kokwesaba ukubhekana nengalo yomthetho,” esho.

Babulawe kakhulu abantu ngoMfumfu. EBityi ngaseMthatha kudutshulwe kwabulawa amalungu omndeni amahlanu. EMqhekezweni kwabulawa inkosi yabaThembu uNogcinile Mtirara, kwaphinde kwahlaselwa abafundi bakamatikuletsheni abahlanu emakhaya abo ababefunda esikoleni samabanga aphezulu iJongintaba.

NgoMandulo, kwashona abantu abayishumi nesishiyagalombili ezigamekweni ezimbili zokudubulana esigodini saseNgobozana, eLusikisiki.

UCassim usebhalele iKomidi lezokuPhepha koMphakathi ecela umphathi wamaphoyisa esifundazweni uLieutenant General Nomthetheleli Mene ukuba achaze ngezinga eliphezulu lobugebengu.

“Izibalo zakamuva ziveza inkinga yobugebengu esifundazweni, zigcizelela isidingo esiphuthumayo sokuthi kufanele kungenelelwe.”

I-DA ifuna kwandiswe izinsiza zamaphoyisa esifundazweni kulethwe nosizo oluthenjisiwe.

Esithombeni esingenhla: I-SAPS top brass ekukhishweni kwezibalo zobugebengu zekota yesibili ka-2024/25 eNewtown, eGoli ngoMsombuluko.

Umthombo Wesithombe :X

Izihloko zakamuva