I-Eastern Cape ilwa nemali esetshenziswa budedengu

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Uhulumeni wase-Eastern Cape uthi uphumelele ukulwa nenkohlakalo ngezinhlelo ezintsha ezigxile kwezezimali zezikhulu.

Inhlangano elwa nenkohlakalo ithi ubuholi obubi buvimba inqubekela phambili.

Uhulumeni wase-Eastern Cape ubungaze ukulwa nenkohlakalo emcimbini obuse-Gqeberha ngoMsombuluko kodwa izingqapheli ezilwa nenkohlakalo zithi luselude ukhalo okusamele luhanjwe.

Amakhulu ezakhamizi abuthene emkhosini we-International Anti-Corruption Day ukuzwa ukuthi uhulumeni wenzani ukuze anqande ukuntshontshwa kwemali yomphakathi..

Nakuba sebethathe izinyathelo eziphawulekayo zokulwa nenkohlakalo, ubuholi obubi busavumela inkohlakalo ukuthi idlondlobale, ngokusho kwezingqapheli ezilwa nenkohlakalo

Ibamba likaNdunankulu uSibulele Nogongo uthe izinhlelo ezintsha ezibheka izindaba zemali yezikhulu eziphezulu zisebenza kahle.

“Okunye okubalulekile yikomiti elibhekele ukudalula izimali zezimenenja eziphezulu eminyangweni kahulumeni kanjalo nasebuholini bepolitiki, lolo hlelo seluze lwathela izithelo ezinhle,” kusho uNogongo.

Uthe inkohlakalo kwezokuthutha ezikoleni yehlile ngenxa yale mizamo.

Umcimbi udonse izikhulu zezinhlaka ezilwa nobugebengu okubalwa kuzo oKlebe, iSpecial Investigations Unit (SIU), ikhomishini yokhetho, u-SARS namaphoyisa.

Kodwa umphenyi we-SIU  esifundazweni uMike Koya uthe ubuholi obubi busavumela inkohlakalo idlondlobale.

“Inkohlakalo iyaphuma esandleni. Njenge-SIU, siphenya usuku nosuku, futhi sigasela omasipala ngaso sonke isikhathi, kodwa kubukeka singayinqobi impi yokulwa nenkohlakalo. Kungani kubonakala sengathi akukho okushintshayo? Inkinga yethu enkulu ubuholi obungenasimilo,” kusho uKoya.

Ukhale ngokuthi izikhulu ezinenkohlakalo isikhathi esiningi zivele zithuthelwe eminyangweni eyahlukene esikhundleni sokuthi zixoshwe.

“Isikhathi esiningi siyaphenya sikhiphe imibiko esuke ishanelwe kukhaphethi, bese ubona abenzi bobubi beshintshana ngeminyango neminyango, sifuna ukubona uhulumeni lapho abantu abakhohlakele bekhishwa kuhulumeni bahambe futhi bayeke ukudla imali yabakhokhi bentela,” kusho uKoya.

I-SIU isanda kugasela komasipala abaningi okubalwa iNgqushwa, i-Alfred Ndzo, i-OR Tambo, iMakana ne-Chris Hani ngenxa yezicelo zenkohlakalo yamanzi. I-Nelson Mandela Bay nayo iyaphenywa.

UKoya uthe manje sebebheka impilo yezikhulu ukuze babambe labo abaphila ngaphezu kwemali abayitholayo.

“Kuke kwaba nezimo lapho kwebiwa khona u-R20 million, kodwa sakwazi ukubuyisa u-R3-million. Sibonile ukuthi ngocwaningomabhuku lwe-lifestyle siyakwazi ukulandela umkhondo wokuthi lezi zimali zashonaphi. Abanye bathenga amapulazi nezimpahla zokugqoka zikanokusho ngemali kahulumeni eyebiwe.”

INingizimu Afrika ikleliswe endaweni ka-49 emazweni angu-100 ngenkohlakalo, ngokwe-International Transparency Index yango-2023, lapho oyedwa enenkohlakalo kakhulu kanti abangu-100 benenkohlakalo encane kakhulu.

Esithombeni esingenhla: Izikhulu ezihlukene zihleli ehholo lomphakathi i-Lilian Ngoyi Kwazakhele Gqeberha lapho uhulumeni wase-Eastern Cape egubha usuku lwamazwe ngamazwe lokulwa nenkohlakalo.

Source: Anita Dangazele

Izihloko zakamuva