I-Eastern Cape ibhekane nokwehla kwezinga lokuphasa kwamatikuletsheni

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Lehlile izinga lokuphasa kwabafundi bakamatikuletsheni e-Eastern Cape lafinyelela ku-84.2% kanti isifundazwe besibheke ekutholeni u-87%.

Baningi abafundi abafeyile umatikuletsheni ngo-2025 njengoba izikhukhula nokumiswa kwezikole kwaphazamisa izivivinyo.

Ikilasi likamatikuletsheni lango-2025 lase-Eastern Cape lihlulekile ukufinyelela kwizinga lokuphasa ebelibhekiwe esifundazweni.

Isifundazwe sithole u-84.2 lokhu kungaphansi kancane kunamaphesenti angu-84.9 azuzwa ngo-2024. Umgomo owawuhloswe umnyango wawungamaphesenti angu-87.

Yize behlile kodwa izikhulu zezemfundo zithi asikho isifunda esithole ngaphansi kwamaphesenti angu-80. Zonke izifundo ezingu-12 zisenezinga eliphezulu njengeziviviyo zakamuva zikamatikuletsheni.

Ngonyaka odlule bangu-106 561 abafundi ababhala umatikuletsheni esifundazweni. Kulabo, bangu-89,694 abaphasa.

Ngo-2024, kwabhala abafundi abangu-99,739, kwaphasa abangu-84,760.

Isibalo sabafundi abangaphumelelanga sinyukile. Ngo-2024, abafundi abangu-14,979 bafeyila. Leso sibalo senyuke safinyelela ku-16,867 ngo-2025.

Imiphumela imenyezelwe nguNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uSiviwe Gwarube, e-Gauteng ngoMsombuluko ebusuku.

Ama-Bachelor pass nawo awabanga mahle. Ngo-2024, bangu-45.78% abafundi base-Eastern Cape abafaneleka ukungena enyuvesi. Lokho kwehle kwafinyelela kumaphesenti angu-41.54 ngo-2025.

Lokhu kusho ukuthi bangu-1,395 abafundi abafanelekela ukufunda enyuvesi.

UNgqongqoshe wezeMfundo uFundile Gade uthe ziningi izinkinga ezithinta imiphumela phakathi nonyaka.

Izikhukhula esifundeni sase-OR Tambo ziphazamise ukufunda. Iziteleka zezimoto ezithutha abafundi phakathi nezivivinyo zikaNhlangulana noLwezi nazo zibaphazamisile abafundi.

UGade uthe ukumiswa koThishomkhulu abangu-12 ngaphambi kokubhalwa kwezivivinyo, ngenxa yezinsolo yokungaphathi kahle izimali, kukhinyabeze ukusebenza kwezinye izikole ezinkulu.

Bangaphezu kuka-30 othisha abamisiwe ezifundeni eziyisishiyagalombili ngenxa yezinsolo ezibucayi okubalwa kuzo ukungaziphathi kahle ngokocansi.

“Ukumiswa koThishomkhulu nothisha ngesikhathi sezivivinyo kuphazamise kakhulu kwezinye izikole ezinkulu,” kusho uGade.

Uvumile ukuthi umnyango wenze amaphutha wathi kudingeka izinhlelo ezingcono ukubhekana nokuphazamiseka.

Kukholakala ukuthi iJoe Gqabi yisona sifunda esenze kahle, silandelwa yiChris Hani East. INelson Mandela Bay, iSarah Baartman kanye neBuffalo City Metro nazo zenze kahle.

Amaqembu aphikisayo nezishoshovu zemfundo zixwayise ngokuthi amanani okuphasa awakhombisi isithombe esigcwele. Bathe baningi abafundi abashisa phansi phakathi kwebanga lesishiyagalombili nebanga leshumi.

Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe wezeMfundo e-Eastern Cape uFundile Gade.

Umthombo wesithombe: GCIS Eastern Cape

Izihloko zakamuva