Sizwe Sibiya
IKwaZulu-Natal akuyona nje indawo engcono kakhulu kuleli ongachitha kuyo inyanga kaNtulikazi kuphela, kodwa imijaho yayo emibili yamahhashi eyingqophamlando nemicimbi yemfashini iyenza ibe ngezinye zezindawo ezihamba phambili emhlabeni wonke.
Ngemuva kokuphuthelwa iminyaka emibili egcwele, i-Dundee July yaminyaka yonke ibuye ngoMgqibelo njengomjaho wamahhashi ongowesibili ngobukhulu esifundazweni ngemuva kwe-Durban July.
UJockey Doctor Mbatha nehhashi lakhe uNxakanxaka baphume phambili bagila izimanga bathola indondo nemali engu-R250 000 futhi kuzoba ibona izintandokazi kuyoze kube umjaho wangoNtulikazi wonyaka ozayo.
Kodwa ngesonto eledlule njengengxenye yokwakhiwa, leli dolobhana likhiphe okokuqala ngqa uMr noMiss Dundee July okunguTumelo Molefe kanye noMpilo Sibiya okube ibona abaqhakazisa indumezulu yomcimbi.
Njengoba igama elithi “Royalty” bekuyitimu ekhethiwe yalo nyaka, abantu abaningi bazihlobise ngemvunulo yesintu nezingubo zendabuko ezinemibala ehlukene.
UMgqibelo uqale nge-carnival yasemgwaqeni enkabeni yedolobha lase-Dundee enyakatho ne-KZN kanti umcimbi wamukelwe ngesasasa ngabantu bendawo.
Abaculi bakuleli abadumile abakade bekhona ukuzojabulisa abantu e-20 Lifestyle elokishini laseSibongile u-AKA, uNasty C kanye neGcokama Elisha beshiyelana inkundla.