I-Democratic Republic of Congo izophuma kumvalelo we-Covid-19.
UMengameli uFélix Tshisekedi uthe imisebenzi izoqala kabusha ngale ndlela:
• Amabhange, izitolo, izindawo zokudlela kanye nezindawo zokuqeda ukoma kusukela ngoLwesithathu
• Izithuthi zomphakathi, imibuthano yokuzijabulisa, imihlangano kanye nemikhosi kusukela ngoLwesithathu
•Izikole namanyuvesi zizovulwa mhla zi-3 kuNcwaba
• Izindawo zokukhulekelwa, izinkundla zemidlalo, izinkundla zezindiza kanye nemingcele yamazwe omhlaba kuzovulwa mhla zi-15 kuNcwaba
• Ukuqhelelana nokugqokwa kwezifonyo esidlangalaleni kuzoqhubeka
I-BBC ibika ukuthi ukuphela komvalelo kuza ngemuva kokuncipha kwezibalo ezibikwe emasontweni amabili edlule zabantu abatheleleke ngegciwane.
I -DRC ibike izibalo eziyi-8,543 zabantu abatheleleke ngegciwane le-Corona kanye nabantu abangama-196 asebeshonile. Kodwa-ke, ukuhlola kuleli lizwe elikhulu kangaka akusho lutho, ngoba kungahle kube nezinye izibalo ezingaqondakali futhi ezingaqoshiwe.
Enyakatho yeNtshonalanga, muva nje kuqubuke isifo se-Ebola, esesibulale abantu abangama-60.