I-Disneyland ixolisa ngodaba lendandatho

Arthur Greene

Obekuhloswe ngokuthi kube umzuzu omuhle wezithandani nesithombe senjabulo ebesizokhombisa ikusasa labo ndawonye akuhambanga kahle. 

Owesilisa obeguqe ngamadolo ekhiphe ibhokisi elimnyama ebekukhona indandatho yomshado. Ngesikhathi esezobuza umbuzo kulowo athandana naye isisebenzi sakwa-Disneyland esigqoke izimpahla ze-Mickey Mouse sivele sahlwitha ibhokisi ezandleni zakhe.

Lo msebenzi usedume umhlaba wonke ngemuva kokusabalala kwevidiyo yakhe ephazamisa isicelo somshado ngesonto elidlule.

Ividiyo yemizuzwana engu-21 owesilisa owaziwa kuphela ngelika-Ante uguqa ngedolo phambi komlingani wakhe. Bebemi endaweni engenalutho phambi kwe-Disneyland Paris’s Sleeping Beauty Castle enhle ngesikhathi eguqa ngamadolo elindele umzuzu wakhe omkhulu.

Lo wesilisa iphephandaba elithile elibize akwenzile ngobusathane ugasele lapho owesilisa esafuna ukucela umshado wafika wahlwitha  ibhokisi esandleni sika-Ante ngaphambi kokuba abakhiphe esiteji.

Kuphinde kwavela nokuthi u-Ante ubesecele esinye isisebenzi izikhathi eziningi imvume yokusebenzisa le ndawo.

“Uthe yebo,” ilokho owesilisa akushilo ngemuva kokuphoxeka   ngesikhathi ecela umshado. 

“Yebo, kuhle kodwa lapha kuzoba ngcono nakakhulu,” kuphendula lo acele kuye.

“I-Disneyland imele amaphupho,” kusho u-Ante etshela i-New York Times kuleli sonto. “Injabulo yethu imoshekile.”

U-Ante uthe sekuphele izinyanga ehlela lesi siphakamiso. Esikhundleni salokho kwadingeka amukele enze ngenye indlela ukuze afake indandatho emunweni wengoduso yakhe ngaphambi kokuba babukele ividiyo yesicelo sabo esonakele bendawonye.

Ngemuva kokuthi ividiyo ilethe  intukuthelo ezinkundleni zokuxhumana emhlabeni wonke abakwa-Disney baphoqeleka ukuthi baxolise endaweni yabo e-California.

“Siyaxolisa kakhulu kubashadikazi futhi sizokwenza konke okusemandleni ukubhekana nalolu daba,” kusho isitatimende.

Umthombo wesithombe: @BrotherHQ 

Scrolla World Cup Quiz