Everson Luhanga
Baningi abantu besifazane abahlala kubudlelwano lapho behlukumezeka khona ngenxa yokuthi abanayo indawo yokuhlala noma lapho abangaya khona kanti abanye basuke bengasebenzi bondliwa yilabo abathandana nabo.
Endaweni yase-Diepsloot, ikhaya labantu besifazane elibizwa ngokuthi i-Green Door Shelter, indawo ehlala abantu besifazane abahlukumezekile, futhi le ndawo inikeza abantu besifazane ithemba iphinde ibafundise ukuqala amabhizinisi abo ukuze bakwazi ukuwaqhuba aphumelele.
Okwinhlangano aphinde abe kwiqembu lokululeka abahlukumezekile eNingizimu-Afrika nabanengcindezi nokukhathazeka (i-Sadag) uNono Maseko uthe “kubalulekile ukuthi abantu besifazane bazikhandle ukuze bakwazi ukuzimela nokuba nemali, baphinde bangazitholi behlukumezeka ngenxa yokuthi abanalutho oluphathekayo”.
Ukusho lokhu ngonyaka odlule, ikakhulukazi ngesikhathi esasinzima somvalelandlini, ukuthi abesifazane base-Diepsloot bayasizwa ngemali ukuze bakwazi ukuqala amabhizinisi abo amancane.
“Sinikeze abesifazane imali ukuze baqale babhake amakhekhe baphinde babe namanye amabhizinisi” kusho uNono.
UBrown Lekekela, umsunguli wekhaya labantu besifazane elibizwa nge-Green Door Shelter aphinde abe ngomunye wabahleli uthe isibalo sabantu besifazane abafisa ukuza ekhaya lethu senyuke kakhulu ngesikhathi somvalelandlini.
ULekekela uthe utshwala buyimbangela yokuba abanye besifazane bahlukumezeke ngesikhathi somvalelandlini, kanti nesibalo samantombazane asemancane nabesifazane asebekhulile abahlukunyezwa ngokushawa nangokocansi behlukunyezwa abathandana nabo sanyuka kakhulu.
Omunye wabesifazane abahlala ekhaya lethu uthe wadlwengulwa eneminyaka eyi-16 edlwengulwa ubaba wakhe waphinde wamkhulelisa.
Uthe selokhu kwavela lokho ubaba wakhe wazibulala kanti nomama wakhe wamlahla yena nengane yakhe.
“Amalungu wonke omndeni wami aqala asola mina ngokushona kukababa. Kuyangijabulisa ukuthi kunamaprojekthi asiza abantu besifazane abahlukumezekile balahlwa imindeni yabo ukuba baqale phansi bazithintithe baqale amabhizinisi abo” kusho lo wesifazane.
Abanye abalingani abazibandakanya nalamaprojekthi kubalwa i-gender-base violence forum, i-Family Africa, i-Green Door, Abammeli abalwisana nokuhlukunyezwa, i-Somke, abezempilo abangaphansi komtholampilo wase-OR Tambo, abaphethe isikhwama sezingane sikazwelonke ezihlukumezekile, iJozi Ihlomile kanye ne-Men Ambassadors.