I-Delarayville ikhungethwe ubandlululo ezigamekweni zokugoma

Everson Luhanga

Kumiswe abasebenzi abathathu bezempilo e-North West ngezinsolo zokugodlela abantu abamnyama imishanguzo ukuze kugonywe abamhlophe kuqala.

UTebogo Lekgethwane, okhulumela uMnyango wezeMpilo esifundazweni sase-North West, ukuqinisekisile ukuthi kunezikhulu ezintathu ezimiswe emsebenzini e-Tsinging Health Sub District.

“Ukumiswa kwalezi zikhulu kulandela izinsolo zokuthi laba abathathu banqabile ukuba amanye amalungu omphakathi agonywe ngenkathi begcinela imindeni yabo nabangani babo imijovo yokugoma”.

ULekgethwane uthe lezi zinsolo zifaka ubuhlanga phakathi, nokuthi kunemithi yokugoma eyanele esifundazweni ukuthi inikezwe abantu.

UMotlalepula Lekoma woMnyango wezeMpilo uthe umnyango ungenelele ngemuva kokuthola izikhalazo ezivela emphakathini nakwabanye abagomayo.

Uphenyo luyaqhubeka.

Isifundazwe sase-North West kuze kube manje sigome abantu abayizi-458 065. Sekube nabantu abathelelekile abayizi-133 301 nabashonile abayizi-3 188 kanye nabathelelekile abayizi-20 390 isibalo esisha esiqoshwe ngoLwesibili mhla ziyi-10 kuNcwaba.

Scrolla World Cup Quiz