I-DA yehlulekile ukuthenga izinhliziyo zabantu bakuleli

Njengoba i-ANC yehluleka ezweni namaqembu aphikisayo nawo adala isiko lokungabi nathemba kanye nokuphelelwa ithemba kubavoti, kubhala uZukile Majova.

Njengoba ukucishwa kukagesi kuhlelelwe izinsuku ezingu-354 zango-2023, iqembu elibusayo selizicime ngokoqobo izibani ezweni lakithi.

Ukuntuleka kwemisebenzi kuyanda njengoba kunabafundi abangaphezu kwesigidi abathweswe iziqu emakolishi nasemanyuvesi abangasebenzi.

Kuyindlela enhle ukuthi amaqembu aphikisayo asebenzele ukukhipha i-ANC emandleni futhi ahole ekuvuseleleni umnotho wezwe elisenamandla amakhulu.

Esishoda ngakho amaqembu azosimela aphinde alwe nohulumeni.

Wonke la maqembu akhona awahambisani nalokho okufunwa ngabavoti.

Esikhundleni sokunikeza abavoti ithemba lokubamba iqhaza okhethweni, la maqembu ezombusazwe akhe isiko lokuphelelwa ithemba nokudangala.

Okhethweni lukazwelonke lwango-2019 abantu abangaphezu kwezigidi eziyisishiyagalolunye ababesohlwini lwabavoti abazange bavote.

Bangu-10.7 million kuphela ababambe iqhaza okhethweni lohulumeni basekhaya lwangoLwezi nyakenye.

Ngabe uhlelo lukaHelen Zille lwe-DA lwehluleka kanjani ukuheha abantu besigaba esiphakathi esigcwele ochwepheshe abamnyama?

Yipolitiki yobuhlanga. Kusukela ngo-1994 uNelson Mandela wathi abantu bakuleli bayohlezi besekela umbono wezepolitiki osekelwe ubuntu, ubumbano, ukwakhiwa kwesizwe kanye nokungacwasi ngokwebala.

Le mibono iyayethusa kakhulu i-DA ne-EFF.

Ngesikhathi amaBhokobhoko ewina iNdebe yoMhlaba yeBhola loMbhoxo ngo-2019, amaqembu aphikisayo acasulwa ukujabula kwesizwe sakuleli sibumbene sibungaza iqembu lesizwe.

Ilungu lePhalamende le-EFF ebelithukuthele ligane unwabu uMnu Mbuyiseni Ndlozi wakhuluma ephalamende wathi: “Yingakho basicela ukuthi sikujabulele ukutholelwa indawo phakathi kwabo, sifakwe ezinhlanganweni zabamhlophe. Abantu bayavuma ukuthi ibhola lombhoxo alikaguquki futhi alikakashintshi. Pho, yini ngempela esiyigubhayo?”

Eminyakeni engamashumi amabili edlule uMadiba wasebenzisa umdlalo ofanayo, inhliziyo yokuziqhenya kwamaBhunu ukuhlanganisa isizwe ngemuva kombono ofanayo kaDesmond Tutu we-“Rainbow Nation of God”.

Osopolitiki abahlakaniphile abazange bafunde lutho kulokho.

Owayengumholi we-DA uMmusi Maimane ukufingqa kahle. “Uma i-DA izoba iqembu likahulumeni, bekumele ibukeke njengeqembu labantu bonke, hhayi abathile. Kudingeka ukuthi kube ngeyabo bonke abantu bakuleli.

“Ukukhululeka kwabantu abamnyama akukhona ukugqilazwa kwabantu abamhlophe. Akusona isimo.”

Izihloko zakamuva