I-DA nengwadla yokushiywa abaholi

Celani Sikhakhane

I-Democratic Alliance ibhekene nenkinga enkulu emlandweni wayo yabaholi abaqavile abashiya leli qembu.

Ucwaningo lwenkampani ecwaninga ngezimakethe i-Ipsos lukhombisa ukukhula kwaleli qembu eminyakeni yakamuva okuhambisana nezinkinga ezibhekene neqembu elibusayo i-ANC. I-DA inethemba lokuthatha izwe kwi-ANC ngo-2024 ngokwenza umfelandawonye namaqembu aphikisayo.

Kodwa-ke, umzamo waleli qembu wokuthola amandla usengcupheni njengoba selilahlekelwe abaholi balo abamnyama abathembekile abebehola leli qembu iminyaka engaphezu kweyishumi.

NgoMsombuluko, lowo owayengumholi waleli qembu e-Free State obephinde abe ilungu lePhalamende uPatricia Semakaleng Kopane wesule esikhundleni sakhe ngemuva kweminyaka engu-19 ekwi-DA. Wajoyina leli qembu ngo-2003 futhi wasebenza njengomholi walo wesifundazwe kusukela ngo-2012 kuya ku-2020.

Engxoxweni uKopane uthe i-DA ayiselona ikhaya lakhe futhi uhlela ukuyojoyina i-ActionSA, iqembu elasungulwa ngowayeyimeya ye-DA eGoli uHerman Mashaba.

Ukushiya kwakhe kulandela okomholi ovelele kwisiShayamthetho saseGoli, uMakashule Gana. UGana wesule mhla zizine kuNcwaba futhi usejoyine i-ActionSA.

I-DA ilahlekelwe ngamanye amalungu abalulekile, njengowayengumholi wayo wentsha nowayeyilungu lesiShayamthetho saseKZN uMbali Ntuli.

Esitatimendeni sakhe uNtuli uthe akasazizwa emukelekile eqenjini ngemuva kokuphonsela inselelo uMnu John Steenhuisen esikhundleni sokuba umholi we-DA.

Omunye umholi oqavile we-DA oqhamuka kuMasipala weTheku nguNkk Nicole Graham, uthe useyayiyeka ipolitiki ukuze agxile ezifundweni zakhe e-Australia.

I-DA ibithathwa njengeqembu eliyingozi kwi-ANC phakathi kuka-2014 no-2016. Kodwa leli qembu selilahlekelwe abaholi abafana no-Athol Trollip, uMmusi Maimane, uPatricia de Lille kanye noLindiwe Mazibuko.

Umhlaziyi wezepolitiki uDkt Ralph Mathekga, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi labo abashiya i-DA abasayiboni njengekhaya labo lezepolitiki.

“I-DA ibhekene nenkinga yokuthi iningi labaholi bayo kungakhathaliseki ukuthi abamnyama noma abamhlophe, bazizwa sengathi iqembu aligxilile kubona,” kusho uMathekga.

Izihloko zakamuva