I-DA nemizamo yokuvikela umasipala  Ekurhuleni

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

I-DA namadlelandawonye Ekurhuleni bayenqaba ukuyeka ukuphatha umasipala onesabelomali sika-R51 billion ngaphandle kokulwa.

Leli qembu lifunge lagomela ukuthi inkantolo kuphela ezosusa uSomlomo wase-Ekurhuleni owaxoshwa, uRaymond Dhlamini kanye neMeya uTania Campbell.

NgoLwesine ebusuku  amakhansela angu-126 e-EFF, e-ANC, e-super seven kanye nawe-IRASA avotele uDhlamini engekho esiphakamisweni sokungamethembi nokuholele ekutheni ikhansela le-EFF uNthabiseng Tshivhenga athole lesi sikhundla.

Ukususwa kukaDhlamini kuvule indlela yokwethulwa kweziphakamiso ngaphandle kwesaziso. Amakhansela azocela ukuthi kumiswe imithetho yomkhandlu futhi uma amaqembu enendlela yawo, lokhu kuzokwenza uCampbell avotelwe ngokushesha njengemeya.

Ikhansela le-DA, uZelda Rasilingwane uthe iqembu lizoya enkantolo liyochitha umzamo we-EFF, i-ANC kanye namanye amaqembu amancane wokuhlanganisa ngokungemthetho uhulumeni wobumbano ongekho emthethweni bese uwuphoqa kwizakhamizi zase-Ekurhuleni.

“Kulo mbuthano obusebusuku baphikise imithetho yomkhandlu  yamaqili anenkohlakalo ukuthi ikhiphe imeya esikhundleni. UDhlamini usenguSomlomo kanti uCampbell usalokhu ebambe izintambo kuze kube inkantolo ikhipha isinqumo ngalolu daba.”

Uthe ukuhlonipheka komkhandlu kwehliswe isithunzi ngamaqembu akhombisa ngembaba ukuthi awekho emkhandlwini ukuze asebenzele ukuhlomulisa abahlali kodwa ukuze kuzuze wona.

“Ngiseseka ngokugcwele isinqumo sikaDhlamini sokuyisa umkhandlu ongekho emthethweni enkantolo kanye nokuthi izinqumo ezingekho emthethweni zichithwe.

Ibamba likaNobhala we-ANC 

esifundeni sase-Ekurhuleni, uMnu Moipone Mhlongo uthe i-DA ixhaphaza izinkantolo emzamweni wokuzama ukugcina amandla. “Sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukuthi i-DA ingayinaki intando yeningi ngenxa yokulambela ukubambelela emandleni ekubeni izindawo lapho okuhlala khona iningi labasebenzayo ziswele izidingo.

“Sihlangene namanye amaqembu ezepolitiki, asibonanga okunye ngaphandle kokubakhipha emandleni,” esho.

Esithombeni esingenhla: IMeya yase-Ekurhuleni uTania Campbell

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva