I-DA izimisele ngokuqhubeka iphathe i-Western Cape njengoba ihamba phambili ngamavoti

Dylan Bettencourt

Njengoba sekubalwe ingxenye yesithathu kwezine yamavoti, i-Democratic Alliance (i-DA) ibukeka izodla umhlanganiso komasipala abaningi e-Western Cape.

Njengamanje inamavoti angu-51.8% kwathi i-ANC yathola u-18.9%. I-Good Party kaPatricia de Lille ithole u-4.38% kwathi i-Freedom Front Plus yona yathola u-4.4%.

I-DA isiwine izigceme ezingama-28 kuze kube manje kanti i-ANC inqobe izigceme eziyi-11.

Isethi yokuqala yemiphumela esifundazweni sase-Western Cape ingene phakathi kwamabili ngoMsombuluko lapho isikhulu sokhetho sakwa-IEC esifundazweni uMichael Hendrickse sithe eminye imiphumela izoqala ukuvela ngoLwesibili.

I-Western Cape yaziwa njengesifundazwe esiphethwe i-DA, kanti  i-ANC izamile ukubuyisela abanye omasipala eminyakeni edlule, kodwa izimpawu zikhomba ukuthi i-DA idle ubhedu esifundazweni.

IDolobha laseKapa kulindeleke ukuthi linqotshwe i-DA njengoba leli qembu lithole u-63.03% wamavoti esephelele. I-ANC ino-9.12%.

I-Western Cape kanye neNingizimu Afrika yonkana ibe nesibalo esincane kakhulu sabantu abavotayo ngoMsombuluko, njengoba kungabantu abayizigidi eziyisishiyagalombili kuphela abavotile ngehora lesihlanu ntambama nakuba bengaphezu kwezigidi ezingama-26 zabantu ababhalisele ukuvota.

Abaningi bakholelwa ukuthi ukushoda kwamaphepha okuvota kungenzeka kube nomthelela ekutheni kube nesibalo esincane sabavotile njengoba uHendrickse ethi nakuba ezinye iziteshi zokuvota bezingenawo amaphepha okuvota enele, lolu daba luxazululwe ngokushesha.

“Siphinde sathola izikhalo zokungabibikho kwamaphepha  okuvota anele,” esho.

“Singaqinisekisa umphakathi ukuthi abenele amaphepha okuvota kuzo zonke iziteshi zethu.”

Umthombo wesithombe: @Mail&Guardian

Izihloko zakamuva