Lubhalwe nguKarabo Rammutla
Amakhansela akuMasipala wase-Tshwane awazange abuthi qothu ubuthongo njengoba ukuvotela uSomlomo woMkhandlu kuphothulwe ezintatha zangoLwesibili.
Kumfelandawonye oholwa i-ANC bawine ngoMnu Mncedi Ndzwanana oyilungu le-African Transformation Movement oqokwe njengoSomlomo walo mkhandlu.
Kumfelandawonye oholwa i-DA bethule uMnu Kholofelo Morodi we-ActionSA.
Kucace zisuka nje ukuthi umfelandawonye oholwa i-ANC ubuthembele kwisixakaxaka sokungathembani obekwenzeka kumfelandawonye we-DA ukuze bawine.
Injabulo ye-ANC iqale ngokufika kwekhansela le-ActionSA elaxoshwa, uNkele Molapo ovunyelwe ukubamba iqhaza emhlanganweni womkhandlu nokuvota.
Umhlangano uke wama kancane waphinde waqhubeka ntambama waze wamiswa ngesikhathi kuqubuka umdonsiswano phakathi kwezikhulu ze-IEC namadlelandawonye aholwa i-ANC.
Amavoti esewonke abe ngu-211, uMorodi wathola angu-37 kwathi uNdzwanana wathola angu-105.
Ekugcineni uCilliers Brink we-DA uthe okuyena obehluliwe kumenyezelwe ukuthi uwinile. Wathi amavoti angu-69 okumenyezelwe ukuthi awasebenzanga ngawe-DA.
Uthe bavote ngokusebenzisa izinombolo ukuze bakwazi ukuhlonza amakhansela angamaqili angase avote namaqembu aphikisayo.
“Amavoti abesemthethweni futhi ecacile. Sisebenzise izinombolo esikhundleni sika-x futhi bekucacile ukuthi sivotele lowo owayengenele ukhetho lwe-ActionSA. Sizobonisana nabammeli bethu ekuseni futhi sizobuya nezimpendulo uma sesithole izeluleko zomthetho.”
Isithombe esingenhla: Umfelandawonye we-DA ne-ActionSA ochithe ivoti likaMncedi Ndzwanana njengoSomlomo.
Umthombo wesithombe: ATM Tshwane