I-DA ixoshe uMnuz Renaldo Gouws eqenjini nasePhalamende.
Ikhomishana yezomthetho yeqembu ithole ukuthi wephule imithetho eminingana yeqembu.
UGouws wamiswa ngoNhlangulana ngemuva kokuvela kwevidiyo yango-2010 lapho asebenzisa khona igama eliqala ngohlamvu-K ekuphawuleni okucwasa ngokwebala.
Lokhu kwenzeka ezinsukwini ezimbalwa nje ebe yiLungu lePhalamende le-DA.
Okhulumela i-DA uWillie Aucamp uthe i-DA ihambisana nokuziphendulela, ukungacwasi ngokwebala nokuhlonipha bonke abantu baseNingizimu Afrika.
I-South African Human Rights Commission ithe izoyisa uGouws eNkantolo yokuLingana ngenkulumo enenzondo kanye nokuphawula okucwasa ngokwebala.
UGouws uthe lesi siqeshana esisabalale ezinkundleni yezokuxhumana senzeka esafunda futhi esemncane ngo-2009.
Uxolisile ngokuziphatha kwakhe kwangaphambilini futhi wavuma ukuthi wenza amaphutha.
“Ngizibophezela ngokugcwele ngezenzo zami ngisemncane ngingakazi lutho. Ngalokho ngiyaxolisa,” usho kanje.
Luhlanganiswe ngumbhali we-Staff
Osesithombeni ngenhla: URenaldo Gouws.
Umthombo: Ifayela
