Lubhalwe nguZukile Majova
I-DA ivulele uNgqongqoshe uThembi Simelane osebenza kuhulumeni ofanayo nabo icala lenkohlakalo.
USimelane usolwa ngokusayina ama-invoice omgunyathi abiza u-Eskom imali engaphezu kuka-R700 000 ngesikhathi ese-Vitrovian.
Okushaqisayo i-DA ivulele omunye uNgqongqoshe kuhulumeni wobumbano kuzwelonke icala lobugebengu.
Le nhlangano edlelana ne-ANC namanye amalungu e-GNU isole uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uThembi Simelane ngenkohlakalo.
USihlalo we-DA uHelen Zille uthe iqembu alinazo izinhlelo zokushiya i-GNU kodwa lisazoqhubeka nokuveza izinto ezingalungile.
Icala lobugebengu lihlobene ngesikhathi uSimelane ekwi-Vitrovian, inkampani yezokubonisana eyaqashwa u-Eskom ukusiza ukuletha ukuthula ngesikhathi kunombhikisho kwakhiwa iKusile Power Plant.
I-DA ithi uSimelane usayine ama-invoice adala ukuthi u-Eskom ukhokhe imali engaphezu kuka-R700 000 ngabasebenzi abangekho.
“Imali eyabizwa i-Vitrovian kwa-Eskom ayiqondakali, kanti u-Eskom kuthiwa ufakwe i-invoice i-Vitrovian ngomsebenzi owenziwa abasebenzi abangekho.
“Ukusayina kukaSimelane kuvela kuma-invoice omgunyathi, okumbandakanya ngqo kuleli hlazo,” kusho i-DA.
Akukhona okokuqala uSimelane ebhekana nezinsolo zenkohlakalo.
Phambilini wayemataniswa nenkohlakalo ye-VBS ngemuva kokuvuma ukuthi waboleka u-R600 000 enkampanini ayeyiqashele ukuphatha ukutshalwa kwezimali kukamasipala wase-Polokwane ngesikhathi eseyimeya.
Phezu kwaleli hlazo uMengameli Cyril Ramaphosa umgcine kwikhabhinethi yakhe. Wamsusa kwezobulungiswa wamfaka ukuthi abhekelele izindawo ezihlala abantu, kodwa wayishaya indiva eyokuthi amxoshe.
USimelane uthe uwunike uRamaphosa umbiko ngalolu daba, kodwa i-DA nePhalamende ayikawuboni.
“UMengameli usenqabe kaningi ukudalula umbiko kaSimelane mayelana nalezi zinsolo, naphezu kwezicelo eziningi ze-DA zokuthi akwenze lokho,” kusho i-DA.
Ilungu le-DA ePhalamende uGlynnis Breytenbach uthe: “I-DA izimisele ukuxosha izikhulu ezinenkohlakalo kuhulumeni.”
Esithombeni esingenhla: Ilungu le-DA ePhalamende uGlynnis Breytenbach emaphoyiseni evulela uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uThembi Simalane icala.
Umthombo wesithombe: X