Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Kuthiwa iMeya edumile ye-DA uChris Pappas iyalelwe ngabaholi abaphezulu beqembu ukuthi ingawungeneli umbango wezikhundla ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi KwaZulu-Natal.
Zibalelwa ku-500 izithunywa okulindeleke ukuthi zihambele ingqungquthela ezoba se-ICC eThekwini.
Imithombo idalule ukuthi uPappas osebenza njengephini lomholi ubefuna isikhundla esiphezulu ephikisana nomholi wamanje uFrancois Rodgers.
“UPappas ungomunye wabaholi abasebenza ngokuzikhandla eqenjini abenze imizamo yokukhulisa i-DA KwaZulu-Natal,” kusho umthombo ongathandanga ukudalulwa utshela i-Scrolla.Africa.
“Ngebhadi ubonakale eyingozi kuFrancois Rodgers. Ube eseyalelwa ukuthi angangeneli noma yisiphi isikhundla. Sikhuluma nje ngeke ephakanyiswe.”
UPappas umemezele ukuthi ngeke abe khona kunoma yisiphi isikhundla ngoba ufuna ukugxila kumasipala waseMngeni lapho asebenza khona njengemeya.
NgoLwesine, i-Scrolla.Africa sizamile ukumthola kodwa umphathi wehhovisi lemeya uPhilisiwe Memela uthe uPappas umatasa nenkulumo emhlanganweni webhodi lokuklama imingcele.
URodgers naye ubengatholakali ocingweni lwakhe.
Esitatimendeni esikhishwe kwabezindaba, i-DA iveze ukuthi ithimba elizokhethwa ngoMgqibelo liyithemba leqembu elizoketula i-ANC KwaZulu-Natal okhethweni lukazwelonke lwango-2024.
I-DA ihlukumezeke kakhulu ngokuhamba kwabaholi abaqavile esifundazweni.
Kubonakale abaholi abafana noSizwe Mchunu, uMbali Ntuli, uZwakele Mncwango, uLindiwe Mazibuko kanye noNicole Graham beshiya iqembu.
Iningi lalaba baholi asebeshiyile babambe iqhaza elikhulu ekutheni i-DA yehlise i-IFP njengeqembu eliphikisayo KwaZulu-Natal ngemuva kokhetho lukazwelonke lwango-2014.
Ngo-2021 bawine umasipala okokuqala esifundazweni.
Esithombeni esingenhla: Iphini lomholi we-DA uSthembiso Ngema, uSihlalo uDean McPherson , umholi webandla lakwaShembe Unyazilwezulu kanye noFrancois Rodgers ongenele ukhetho kabusha njengoMholi we-DA KwaZulu-Natal.
Umthombo wesithombe: DA Communication Unit