Lubhalwe nguSihle Mavuso
Njengoba zidonsa kanzima izingxoxo ngoHulumeni woBumbano kaZwelonke (GNU), i-DA isibale iminyango eyifunayo ekuphathweni kwalo Hulumeni.
Encwadini ayibhalele uNobhala-Jikelele we-ANC uFikile Mbalula ngomhlaka-23 kuNhlangulana, uHelen Zille – uSihlalo waleli qembu – uchaza ukuthi kungani befuna lezo zikhundla.
Phakathi kwezicelo zabo kukhona uMnyango weZinsiza naMandla, uMnyango wezokuThutha (uTransnet wabelwe kabusha kulo mkhakha) kanye noMnyango wezoHwebo, iziMboni kanye nokuNcintisana.
Sekukonke, i-DA ifuna iminyango engu-12 enamaphini oNgqongqoshe kuyo yonke le minyango. Bafuna abaQondisi-Jikelele eminyangweni ebika koNgqongqoshe be-DA abakhethwe izigungu ezihlanganisa oNgqongqoshe be-DA.
Amagama azothunyelwa kuMengameli ukuze awagunyaze, kodwa imvume enjalo ayikwazi ukugodlwa singekho isidingo sokwenze njalo.
“Izinkontileka zabo bonke abaQondisi-Jikelele abakhona kuzomele zibhekwe kabusha ngenxa yokukhathazeka kwethu ngokuthi labo abasezikhundleni bangase bangakwazi ukulalela imiyalelo yoNgqongqoshe be-DA, ikakhulukazi uma kubhekwa inqubomgomo ye-ANC yokusatshalaliswa kwamaqembu,” kufundeka ingxenye yencwadi kaZille ayibhalele uMbalula.
I-DA ifuna ukuthi kubuyekezwe amanye amathenda asanda kukhishwa uhulumeni ophumile. “Kusobala ukuthi ushintsho ngeke lwenzeke esimweni lapho izinqumo zakamuva zikahulumeni wangaphambili zingehlehliswe,” kufundeka incwadi.
Futhi i-DA ifuna “clearing house” yobuchwepheshe, ehlanganisa omele iqembu ngalinye elibambe iqhaza ukuze kuxazululwe ukungaboni ngaso linye mayelana nenqubomgomo nezinye izinqumo zikahulumeni ngokuvumelana, ngaphambi kokuba zibe yimbangela yokungqubuzana kwiKhabhinethi.
UZille uphinde wakhumbuza uMbalula ukuthi ukubamba iqhaza kweqembu lakhe kuhulumeni waseGoli naKwaZulu-Natal kuncike ekubambeni kwabo iqhaza kuhulumeni ezingeni likazwelonke.
“Sithanda ukuphinde sisho futhi ukuthi sizibophezele ngokugcwele ekubambeni iqhaza kohulumeni lapho esizokwazi ukwenza izinguquko ezinhle kubantu bakuleli.
“Izwe lethu libhekene nethuba eliyingqayizivele manje lokuqalisa izinhlelo ezizothuthukisa ukudalwa kwamathuba emisebenzi, ukuqeda ububha, ukuhlinzeka ngezokuphepha, imfundo, ukunakekelwa kwezempilo kanye nokwesekwa kwezenhlalakahle abantu bakithi abakudinga kakhulu. Simi ngomumo ukuletha lezi zidingo kanye nawe kanye nabanye abasayine esitatimendeni senhloso.”
Esitatimendeni esikhishwe ngehora lesibili namuhla, i-ANC ithe ukuxoxisana ngesikhathi kuputshuzwa izimfuno kwabezindaba kuyisenzo esibi.
Esithombeni esingenhla: UHelen Zille.
Umthombo wesithombe: X