Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
I-DA KwaZulu-Natal ithi uKhongolose awuzehlise uvele ukhohlwe ngowayenguMengameli Jacob Zuma ngoba usebashiye unomphela.
Leli qembu likusho lokhu ngemuva kokuba i-ANC KwaZulu-Natal ifune ukuncenga uZuma ukuba abuyele ekhaya njengoba yena ematasa nemikhankaso yeqembu lakhe uMkhonto weSizwe.
UMholi we-DA KwaZulu-Natal uMnuz Francois Rodgers uthe iqiniso ukuthi uKhongolose usenkingeni yokulahlekelwa amandla ngoba uZuma uzobalimaza okhethweni.
“Uyabona uma uZuma ehlula abantu abathembayo njengoWillies Mchunu noVusi Dube, lokho kusho ngokusobala ukuthi uKhongolose awuvele ukhohlwe. Ngixoxile noDube noMchunu ngabona ukuthi baphelelwe amandla,” kusho uRodgers.
Uthe bona beyi-DA abanavalo ngoZuma ngoba uMkhonto wakhe awuzile kubo kodwa uzogwaza uKhongolose.
Ukusho lokhu nje uNobhala kaKhongolose KwaZulu-Natal uMnuz Bheki Mtolo ukhala ngokuthi uZuma uyababalekela uma befuna ukuhlangana naye.
Uthe sekubacacele ukuthi usehambe unomphela.
Ukhala ngokuthi kuyimanje bathume uDkt Zweli Mkhize kodwa uZuma uyababaleka akafuni bahlangane.
Kwenzeka lokhu nje ukukhuza ibuya kukaZuma kwezombusazwe ngeqembu uMkhonto weSizwe kuthiwa kuvele kwacwilisa umkhankaso kaMnuz Chris Pappa oyifolosi le-DA kwesobuNdunankulu.
UPappas ubengaconsi phansi kubantu baKwaZulu-Natal ngaphambi kokuba uZuma amemezele ukuthi uzovotela uMkhonto weSizwe kulolu khetho.
Izolo uMkhonto weSizwe ubunendumezulu yombuthano kwaXimba eThekwini lapho abantu bebephume khona ngobuningi.
UMengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa uthe akulungile ukuhlasela uZuma noMkhonto weSizwe ngoba uzosiza ukugudluza uKhongolose emandleni .