I-DA ithembele ku-Odendaal ukulungisa iNelson Mandela Bay

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Owayeyimeya uRetief Odendaal uthi uzoletha ukukhululwa enkohlakalweni futhi abuyisele ukwethenjwa kuhulumeni waseNelson Mandela Bay.

I-DA ithi ohulumeni bamadlelandawonye bahlulekile ukwenza umsebenzi omkhulu futhi manje isihlose ukuthi ithole amavoti amaningi ngo-2026.

IDemocratic Alliance (DA) yethule umkhankaso wayo wobumeya eNelson Mandela Bay ngoMsombuluko, nalapho uRetief Odendaal ongenele ukhetho ethembise ukuletha ukukhululeka enkohlakalweni nasekulethweni kwezidingo kubantu.

Umcimbi ubusehholo lase-Pieter Rademeyer e-Algoa Park, lapho abalandeli be-DA behlangene khona bezolalela uhlelo luka-Odendaal lokwenza iNelson Mandela Bay iphinde isebenze.

U-Odendaal, owayeyimeya yaseBay, usebenze kusukela ngoMandulo ka-2022 kuya kuNhlaba ka-2023 kuhulumeni wobumbano wamaqembu angu-10. Uthe ipolitiki yamadlelandawonye yehlulekile kumasipala omkhulu, yavumela inkohlakalo nokuntengantenga komnotho.

“Ngesikhathi ngiseyiMeya ephethe cishe izinyanga eziyisishiyagalolunye, uhulumeni wethu ukwazile ukusimamisa umnotho wedolobha okokuqala ngqa eminyakeni edlule,” kusho u-Odendaal. “Sizuze lokho i-ANC ebingakwazi ukukwenza eminyakeni eyishumi.”

Uthe abaphathi bakhe bathole umcwaningimabhuku wokuqala ongenagcobho kumasipala eminyakeni engu-12 futhi bathathela izikhulu ezinenkohlakalo izinyathelo ezinqala.

Umholi we-DA uJohn Steenhuisen utshele isixuku ukuthi u-Odendaal uzoba isisombululo seNelson Mandela Bay. “Uzosikhulula enkohlakalweni, ekuphathweni budedengu namaqola ahlezi ehholo ledolobha,” kusho uSteenhuisen.

USihlalo wesifundazwe uYusuf Cassim uthe amadlelandawonye amancane adayisekile ukuze asebenze ne-ANC ngesikhathi kususwa ubuholi buka-Odendaal.

Umbono ka-Odendaal wedolobha elikhulu uhlanganisa imigwaqo ephephile, inethiwekhi yamakhamera edolobha lonke, ukungayibekezeleli nhlobo inkohlakalo, kanye nokukhula komnotho ngokutshalwa kwezimali nokudala imisebenzi.

I-DA ithe inethemba lokuthi u-Odendaal uzobuyisa uzinzo nokuziphendulela kwamasipala.

Esithombeni esingenhla: Omele i-DA esikhundleni sokuba imeya uRetief Odendaal nomholi weqembu uJohn Steenhuisen emcimbini wokwethulwa komkhankaso eNelson Mandela Bay.

Umthombo wesithombe: DA Eastern Cape

Izihloko zakamuva