I-DA isolwa ngezinkinga ezibhekene neDolobha laseGoli

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

I-DA ifuna ukususa iMeya uDada Morero kanye noSomlomo, ithi kuningi okuwile ngaphansi kwabo.

I-ActionSA ithi i-DA idale uthuthuva manje isifuna ukwenza sengathi iyalungisa.

I-ActionSA isole i-Democratic Alliance (DA) ngokuzama ukudala izinkinga eziningi eGoli ngokufuqa ukugudluza imeya nosomlomo.

Iqembu lithe uhlelo lwe-DA lokwethula isiphakamiso sokungabethembi ubuholi beMeya uDada Morero kanye noSomlomo uNobuhle Mthumbu akukona ukulungisa idolobha kodwa kuwumdlalo wepolitiki kubona.

“Balokhu beshintsha izimeya bengenalo uhlelo lwangempela. Lokho akuzisizi izakhamuzi,” kusho i-ActionSA.

Ikhansela le-DA uBelinda Kayser-Echeozonjoku ngoLwesithathu uthe iqembu selithumele ngokusemthethweni isiphakamiso sokungabethembi ubuholi. Uma samukelwe, isiphakamiso sizovotelwa emhlanganweni womkhandlu olandelayo, olindeleke emasontweni amabili.

Bobabili Morero noMthumbu banezinyanga eziyisishiyagalombili kuphela besezikhundleni zabo.

UKayser-Echeozonjoku uthe imeya yehlulekile ukulungisa izidingongqangi futhi ivumele imiphakathi ukuthi ihlupheke.

“Isikhathi sakhe ehhovisi besigcwele ukungaphathi kahle futhi alukho ushintsho,” kusho yena.

Uphinde wasola usomlomo ngokuvikela imeya esikhundleni sokwenza umsebenzi wayo ngendlela efanele.

“Uvimbe inkulumo-mpikiswano efanele nokwenza kwaba nzima ukuthwesa imeya icala,” kusho yena.

USihlalo we-ActionSA e-Gauteng, uFunzi Ngobeni, uthe i-DA iyazama ukwenza njengamaqhawe, kodwa yibona abadale izinkinga ezikhona.

Uthe i-DA yenqaba ukusebenzisana namanye amaqembu ukuze ihlenge iMeya yayo, uMnuz Mpho Phalatse, ngesikhathi isaphethe.

“Sathi sizoyeka izihlalo zethu ezimbili kwezintathu ukuze singenise i-Patriotic Alliance, kodwa i-DA yathi cha. Ukwenqaba kwabo kusize i-ANC ukuthi ithathe idolobha,” “echaza.

Esithombeni esingenhla: UBelinda Kayser-Echeozonjoku.

Umthombo wesithombe: DA

Izihloko zakamuva