I-DA isahlalelwe ukuchaza eka-10 billion 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Ngemuva kweminyaka eyisikhombisa yokubusa kwe-DA ingaphezu kuka-R10 billion imali esetshenziswe ngendlela engafanele kuMasipala wase-Tshwane.

IPitoli obekubusa kuyo i-DA kusukela ngo-2016 iphelelwe amandla futhi ikhungethwe ukuhlinzekwa kwezidingongqangi ezingezinhle, ukushoda kwamanzi emalokishini abantu abamnyama, ukucishwa kukagesi emalokishini kanye nezingqalasizinda eziwohlokayo.

Umbiko woMcwaningi Mabhuku uveze ukuthi imali engaphezulu kuka-R10 billion isetshenziswe ngendlela engagunyaziwe,  njengoba lo Masipala uhluleka ukuchaza kahle ukuthi kwenzekani ngemali yabakhokhi bentela.

Ngemuva kwemizamo emithathu yokuqoka iMeya kulandela ukwesula kweMeya ye-DA uRandall Williams, umfelandawonye oholwa i-DA uqoke uCilliers Brink ngesonto eledlule.

Ngaphandle kwalokhu, i-DA ilahlekelwe amandla Ekurhuleni nasedolobheni laseGoli, yalahlekelwa isabelomali esingaphezu kuka-R120 billion, u-R87 billion eGoli kanye no-R37 billion Ekurhuleni ebingayisebenzisa ukukhombisa amakhono ayo uma ikhethwa ukuthi iphathe.

Kule ngqungquthela yezinsuku ezimbili, iqembu eligunyazwe ukuthi liziphendulele alizange lethule umbiko ngokwenzeka e-Tshwane noma bachaze ukuthi balahlekelwa kanjani oMasipala abathathu e-Gauteng.

Ekhuluma engqungqutheleni yeqembu e-Gallagher Convention Centre e-Midrand, umholi weqembu uJohn Steenhuisen uthe abantu bakuleli akumele bahlulele wonke amadlelandawonye ngokwenzeke koMasipala abathathu.

“Sinamadlelandawonye angu-38 e-Limpopo, iKwaZulu-Natal nase-Western Cape,” kusho uSteenhuisen.

“Amadlelandawonye asebenze kahle koMasipala abafana ne-George, Zwellendam ne-Cape Agulhas.”

Uthe ukuze babe nozinzo kuMasipala omkhulu kumele basebenzise umthetho obizwa nge-Private Members Bill ozovimba isibalo seziphakamiso zokungathenjwa kobuholi ukuthi zibe kanye ngonyaka.

Khonamanjalo engqungqutheleni abangenele izikhundla eziyisithupha eziphezulu kubalwa:

USihlalo woMkhandlu Kazwelonke uHelen Zille ongazange abangiswe imuntu.

Umholi we-Federal uMpho Phalatse obebhekene noJohn Steenhuisen.

USihlalo we-Federal u-Ivan Meyer, uLungile Phenyane noQhawekazi Mbatha.

USihlalo we-Federal Finance uDion George ozobhekana noLungile Phenyane.

IPhini likaSihlalo we-Federal u-Anton Bredell, uJean-Pierre “JP” Smith, uLungile Phanyane, uNatasha Mazzone, uNqaba Bhanga, uRefiloe Nt’sekhe, uShehana Kajee noSolly Malatsi.

IPhini likaSihlalo we-Federal Council u-Annelle Lotriet, u-Ashor Sarupen, uJames Masango, uLungile Phenyane, uSegope Sathekge, uThomas Walters noTyrone Gray.

Isithombe esingenhla: Abalandeli be-DA

Umthombo wesithombe: UDoreen Mokgolo

Izihloko zakamuva