I-DA iphinde yabuya kwesobumeya eTshwane 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Bekungokwesithathu uba nenhlanhla umfelandawonye we-DA ophinde wanikwa ithuba lokulawula umasipala wase-Tshwane onesabelomali sika-R54 billion ngoLwesibili.

Imizamo emibili yaphambilini yokukhetha imeya entsha kulo masipala okhungethwe izinkinga ayiphumelelanga.

Lo masipala walengiswa ngemuva kokuthi kungabibikho nelilodwa iqembu elithola amavoti amaningi okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2021.

Manje lo masipala usuphethwe imeya esanda kukhethwa uCilliers Brink we-DA ukuthi ahole umkhandlu futhi alungiselele umasipala ukwethula isabelomali somkhandlu ngomhlaka-14 kuMbasa.

Umholi wekhokhasi ye-DA uthole amavoti angu-109. Ubeqhudelana nekhansela le-Cope elisanda kufungiswa u-Ofenste Moalusi othole amavoti angu-102.

Owayeyimeya nowayeyikhansela le-Cope, uMurunwa Makwarela ushiye isikhundla sakhe ngemuva kokuhambisa isitifiketi somgunyathi sokuhlunyeleliswa kwezikweletu.

Ingxenye yokuqala yomhlangano womkhandlu okhethekile ngoLwesibili ube nezinxushunxushu ngesikhathi amakhansela e-ANC nawe-EFF enqaba ukubamba iqhaza emhlanganweni wangaleso sikhathi.

Ngesikhathi kukhethwa imeya emasontweni amabili edlule, kuthiwa amalungu e-DA angcolise amavoti awo ngokuwabhala amakhodi ayenikezwe iqembu lawo ngendlela engafanele. Lokhu bekuwukucacisa ukuthi yimaphi amakhansela avote kahle ngokwemiyalelo yeqembu.

Wonke amavoti angu-69 e-DA amenyezelwe njengawonakele futhi athathwe njengokwephulwa kwemikhombandlela yokuvota ye-IEC.

Khonamanjalo, kuMasipala wase-Ekurhuleni enye imeya ye-DA uTania Campbell ubhekene nesiphakamiso sokungathenjwa esizothamelwa emhlanganweni womkhandlu ngoLwesine.

Lesi siphakamiso sethulwe ngamakhansela e-Super Seven (Independent Ratepayers Association of South Africa, i-African Independent Congress, i-PAC, i-Cope, i-UDM, i-ATM kanye ne-Independent Citizens Movement) emasontweni amathathu edlule.

Lesi siphakamiso sesiholele ekutheni umhlangano womkhandlu kamasipala obekumele ube ngoLwesithathu uhlehliselwe inyanga ezayo.

Kuze kube manje uCampbell usinde eziphakamisweni ezimbili zokungathenjwa selokhu athatha izintambo. Njengoba i-EFF ne-ANC sebekulungisile ukungezwani kwabo kulo masipala, mancane amathuba okuthi uCampbell asinde kulesi siphakamiso.

Esithombeni esingenhla: UCilliers Brink

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva