Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
I-DA isimemezele i-EFF njengesitha sayo sokuqala okhethweni lukazwelonke luka-2024.
Ngosuku lwesibili lwe-DA Federal Congress ngeSonto, bachaze ukuthi zonke izinhloso zeqembu aziphumelelanga kuzo zonke izindawo.
Umholi weqembu uHelen Zille ophinde waqokwa njengoSihlalo we-Federal Council ihlandla lesibili, uthe i-DA imelene nokuphambene okwenziwa i-EFF.
“Simele intando yeningi engacwasi ngokwebala, ukuhlonishwa komthethosisekelo, umnotho osekelwe ezimakethe nokuthuthukiswa kwabampofu.
“Akekho okholelwa ukuthi uJulius Malema unamandla okwenza impumelelo lapho wonke umuntu okhuthaza ukucwasa ngokwebala ehlulekile khona.”
UZille wengeze ngokuthi, “Izinhlelo nemigomo ye-ANC ebekiwe izodonsela izwe phansi kanti lokho akukuhle neze.”
Leli qembu seliqinise iqhinga lalo lokuya okhethweni lukazwelonke.
Balahlekelwe ukwesekwa ngo-2019 ngemuva kokuzama ukushintsha isu labo lokuheha abavoti abamnyama.
Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yokwamukela umholi ophinde wakhethwa uJohn Steenhuisen uthe kusukela ngo-2019 basebenzele uzinzo nokulungisa iqembu ukuze libuyele ezindleleni zalo zakudala.
“Sisebenzise lesi sikhathi ukwakha kabusha ukubumbana kwangaphakathi, ukuziphatha kahle, izinhlelo nenqubomgomo,” engeza.
UDkt Mpho Phalatse oke wabamba ipolitiki yesifundazwe ubebanga isikhundla noSteenhuisen.
UPhalatse uthe ubengakholwa ukuthi lokhu kuzomhlula njengoba esesebenze iminyaka eyisishiyagalombili eqenjini.
Uzichithile izinsolo zokuthi uzolishiya iqembu ajoyine i-ActionSA.
U-Ivan Meyer uphinde waqokwa esikhundleni sakhe sangaphambilini.
UDkt Dion George uphinde waqokwa njengoSihlalo weqembu ophikweni lwezezimali.
AmaPhini oSihlalo:
IPhini lokuqala: uJP Smith
IPhini lesibili: uSolly Malatsi
IPhini lesithathu: u-Anton Bredell
AmaPhini kaSihlalo we-Federal Council
IPhini lokuqala: u-Ashor Sarupen
IPhini lesibili: u-Annelie Lotriet
IPhini lesithathu: uThomas Walters
ULungile Phenyane ongaziwa kwezombusazwe ungenele zonke izikhundla eziyisithupha eziphezulu, engqungqutheleni kodwa wangatholanga lutho.
UPhenyane uthe uzoqhubeka nokusebenza ezinhlakeni zeqembu lentsha nabesifazane.
Uzophinde angene ku-Federal Congress elandelayo.
Isithombe esingenhla : UMalema
Umthombo wesithombe: UDoreen Mokgolo